UMMELI we-AfriForum, elekelela umndeni wakwaMeyiwa ngecala lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa, u-Adv Gerrie Nel, uthi bazolufakela ingcindezi uphiko lwezokushushisa kuleli ukuqinisekisa ukuthi uyaboshwa owayengubhongoza ekubulaweni kwakhe.
UNel ekhuluma nabezindaba namhlanje uveze ukuthi ubelindele ukuthi abashushisi bazomemezela ukuboshwa kukangqongqondo ekubulaweni kukaMeyiwa, avele nabanye abasolwa enkantolo yemantshi eBoksburg namhlanje.
Kunalokho kugcine kuvele abasolwa oKhulela Themba Sibiya, Bongani Sandiso Ntanzi, Mthobisi Chris Mncube, Mthokoziseni Zifozonke Mapisa noSifiso Ntuli. Oyedwa walaba basolwa kuvele ukuthi ushintshe ummeli ngoba enqaba ukuvunyiswa icala athi akalenzanga.
UNel uthe ngokubona kwakhe amaphoyisa anobufakazi obanele ukuthi kuboshwe 'ungqondongqondo' ngakho kuyabaxaka ukungaboshwa kwakhe.
Uthe ngesikhathi ebuza abashushisi ngokungaboshwa kwalo msolwa baziswe ukuthi abukho ubufakazi obanele bokuthi aboshwe.
“Ngiphoxekile kakhulu ngokungaboshwa kwakhe (ungqondongqondo), ngiyakugxeka kakhulu ukuthi akekho omunye oseboshiwe. Ngo-Okthoba nyakenye sasizitshela ukuthi kunobufakazi obanele ukuthi aboshwe. Ngemuva komhlangano namaphoyisa sithole ukuthi sebeqoqe nobunye ubufakazi obumatanisa ungqondongqondo naleli cala ngakho ngiphoxeke kakhulu ukuthi akaboshiwe.” kusho uNel.
Ngaphandle kwalokho uNel uphinde wazwakalisa ukukhathazeka ngamacala abekwe abasolwa, njengoba bezobhekana necala lokubulala, ukuzama ukubulala kanye nokubamba inkunzi. UNel uthe ukube babheke necala lokubulala okuhleliwe, ngabe asaphezulu amathemba abo okuthi kuboshwe ungqondongqondo.
“Ngizwelana nomndeni njengamanje ngoba uyafisa ukwazi ukuthi kwenzekani ngosuku okwabulawa ngalo uMeyiwa. Sizoqhubeka sizame ukufaka ingcindezi siqinisekise ukuthi leli cala lihamba ngendlela,” usho kanje.
NgoLwesihlanu inkantolo inqume ukuthi lizoqala ukuqulwa ngo-Okthoba 25 nonyaka leli cala.