AKASAFUNI nokuwabona ama-blesser uNksz Jackie Phamotse okhiphe incwadi exoxa ngale mpilo Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG AKASAFUNI nokuwabona ama-blesser uNksz Jackie Phamotse okhiphe incwadi exoxa ngale mpilo Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG
WAYEYA ocansini ngisho emathuneni ne-blesser lakhe owesifazane othi useshiye le mpilo, wabhala incwadi ngayo yonke imikhuba ayeyigila ngesikhathi esandiza nezimpunyela ezidlalisa imali.
UNksz Jackie Phamotse (30) odabuka eWestonaria eGauteng, ukhiphe incwadi esihloko sithi Bare lapho egeqa khona amagula ngempilo yakhe nama-blesser.
Uxoxe naleli phephandaba ethi ngendlela lo mlisa ayethandana naye ayemlawula ngayo, babehamba bezitika ngocansi yonke indawo esewuvuma zonke, enganqabi lutho.
‘’Uma usothandweni nalaba bantu bafuna wenze intando yabo, ukhohlwe yimpilo yakho ukhothamele bona.
Wayeke aqashe indawo yokuphuzela ivalwe thaqa, abize abangani bakhe bazosibuka siya ocansini.
Sasilala ngisho emathuneni nakuzo zonke izindawo ongazicabanga,’’ kusho uNksz Phamotse.
Le ncwadi yakhe isanda kuzuza indondo yencwadi ehamba phambili ngokudayisa.
Uthe wathandana nalesi sigwili esidala ngeminyaka engu-19 kunaye.
Eminyakeni emine ngesikhathi behlangana endaweni yobumnandi ayetohoza kuyo, kwaba wukuqala kothando.
AKASAFUNI nokuwabona ama-blesser uNksz Jackie Phamotse okhiphe incwadi exoxa ngale mpilo Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG
“Mina ngake ngathengelwa iMercedez Benz SLK kaR700 000 newashi likaR100 000 ngosuku lwami lokuzalwa kuthiwa yizipho nje, akonakele lutho.
Ukuthenga lezi zinto kulaba bantu kufana nokuthenga isinkwa.Yinto engelutho.’’
Uthe akukho ayekweswele njengoba lesi siqumama sasimenzela konke ayekufuna. Uthe le mpunyela yayinganqeni ukuqasha ibhanoyi elibiza uR700 000 uhambo ngalunye kutetemukwe ngalo nabangani nezinye iziqumama.
Elanda indaba yakhe ende, uthe unqume ukuyiyeka le mpilo. Uxwayise intsha ngayo ngoba uyabona ukuthi baningi abangena eweni.
Useqale nokukhuluma ezindaweni ezahlukene lapho eba ngumethuli wezinkulumo ezivuselela unembeza.
Uthe kunenqwaba yosopolitiki abasezikhundleni eziqavile kuhulumeni abaphila le mpilo yokuba ngama-blesser.
“Kumanje mina anginayo indoda.
Angifuni lutho ngizishayelwa umoya nje anginayo ngisho ingane ngenxa yokuthi ngake ngadlwengulwa yiqulu labantu ngisemncane.
Kwaba khona ukulimala esibelethweni kwathiwa ngeke ngisabathola abantwana.’’
Uthe kumanje unamasheya enkampanini kasaziwayo uSbu Leope yesiphuzo esibuyisa amandla iMo Faya.
Uveze nokuthi uneziqu emkhakheni iMakerting and Sales.
Uthe abantu abafuna ukuzwa konke ngohambo lwakhe bangayithola incwadi esitolo i-Exclusive Books.