UKHIPHE ingonyuluka ngobunzima abhekane nabo owesifazane obethole umsebenzi wokusiza endlini kwiFacebook, komunye wesifazane waseDassenhoek, ngasePinetown, kanti uzothunjwa.
Lo wesifazane uthe ubedliswa izidakamizwa ezisheba noshephisi ukuze akhulume.
UNksz Lungisile Xulu (25) waseBhambayi, eNanda, uxhumane ngoFacebook nowesifazane ozibiza ngoVeronica Martin obefake isikhangiso somsebenzi wokusiza endlini ekhasini leFacebook, iDomestic Workers.
NgoLwesibili olwedlule uhambe wafika esitobhini esiseMariannridge, eSwimming Pool, abeyalelwe ukuthi ehle kusona nguVeronica lapho ebelindwe khona ngowesilisa obezomyisa kulo muzi abezosebenza kuwo.
“Sixhumane ngoFacebook ngamnika nezinombolo zami zocingo wangifonela. Sengisendleni eya lapho ngithole khona umsebenzi, uVeronica uze wathi anginike umshayeli wetekisi iselula akhulume naye emtshela isitobhi okumele angehlise kusona,” kuchaza uNksz Xulu.
Esehlile esitobhini uthe wahlangatshezwa ngowesilisa owayezomlanda amkhombise umuzi azosebenza kuwona.
“Wangiha-mbisa emotweni ngaphakathi okwakunamadoda amathathu. Kwathi uma ngibuza kuwona uMnuz Msomi engangitshelwe ukuthi ngizomsebenzela, eyodwa yawo yadonsa intshumentshu yangichapha ngenhlamba yathi akukho msebenzi lana. Ngambozwa ubuso ngesiketi esadonswa ezimpahleni engangiziphethe, ngafakwa indwangu emlonyeni kwathiwa ngizobulawa uma ngike ngamemeza,” kulanda uNksz Xulu.
Uthe ehlathini ayiswe kulona yila madoda ufike waboshwa izandla nezinyawo, wambozwa ubuso ngesikibha washuthwa izithombe ezithunyelelwe kumndeni wakhe kufunwa uR20 000 wokumkhulula.
“Uma ngithuli ngingakhulumi ocingweni ngangifunzwa izidakamizwa umqondo udungeke ngibe nesiyezi futhi ngikwenza konke abathi angikwenze. Babethi angitshele umndeni wami ukuthi sengidlwengulwe ngamadoda ayisikhombisa azongibulala uma engayitholi imali. Ubhuti wabathumela uR2 000 kodwa bafuna uR5 000 ngaphezulu,” kuchaza uNksz Xulu.
Uthe uze wadedelwa ngoLwesihlanu ngo-1 entathakusa ngoba amadoda ayemthumbile ayesexabana wodwa amanye ebona ukuthi ngeke esayithola imali ayeyifuna.
“Abathumbi bangithathe ngemoto bengivale amehlo bayongishiya emarobhothini ngasesiteshini samaphoyisa. Bathi bazobala ka-30 bese ngivula amehlo. Bengakaqedi ukubala bashaya bachitha ngemoto. Ngivule amehlo ngaya esiteshini esiseduze ngilandela indlela abangiyalele yona,” kusho uNksz Xulu.
Uthe amadoda abemthumbile amtshele ukuthi ukuthumba abantu yindlela enza ngayo imali kanti akabonanga yini ephepheni (Isolezwe) kubikwa ngabanye abathunjiwe.
“Amaphoyisa athe azongibiza ukuze ngilulekwe ngokwengqondo ngosonhlalakahle esiteshini saseMtshebheni, eNanda.”
UNksz Xulu ube wumgilwa wesithathu okubikwe ngaye, nosetholiwe.
Emasontweni amabili edlule kubikwe ngoNksz Neliswa Phohlo owathunjwa, umndeni wakhe wakhipha uR4 400 owawufunwa. Nomunye wesifazane (27) elingatholakalanga igama lakhe abathumbi bafuna uR5 000 ukuze akhululwe ngoLwesihlanu lwangoFebhuwari 14.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uxwayise umphakathi ngokuthi uhlale uqaphile abantu abathembisa umsebenzi kwiFacebook kanti bazobathumba, bafune imali yokubakhulula.
Amaphoyisa acela noma ngubani onolwazi ngokuwakwa kwabantu ngemisebenzi engekho ababikele ngokushesha.