UMNDENI wowesifazane, owabulawa nengane yakhe, uthi ugculisekile ngesigwebo esinikwe umbulali.
UThembinkosi Thatios Ngcobo (62) ugwetshwe iminyaka engu-35 ebhadla ejele yiNkantolo eNkulu yaseThekwini ngokubulala ngesihluku intombi yakhe, uNksz Ntombifuthi Happiness Blose (30), nengane yabo, uMinenhle Swelihle Blose (3).
UNkk Nonkanyiso Sibaya, umamncane kamufi, ekhuluma neSolezwe, uthe yize bengeke besabuya kodwa bajabule ngesigwebo.
“Sibona sifanele lesi sigwebo ngoba vele mdala. Uzophuma ko-90 weminyaka. Esingakwamukeli yilokhu akubeka njengesizathu sokubulala. Ingane ibisivele ikhona ngesikhathi ehlangana nomufi (Nksz Blose). Sisola ukuthi wabe eseqamba amanga ukuthi kungani ambulala. Into entsha lena ayiveza enkantolo. Kuze kube manje asazi ukuthi kungani ambulala. Wazisholo into ayefuna ukuyisho yena,” kusho uNkk Sibaya.
Uthe kusenzima ukudlulisa lesi sigameko esenzeka ngoSepthemba 2020.
“Izinhliziyo zibuhlungu kakhulu ngokwenzeka. Washiya enye ingane ena-15 engasenanina. Kusenzima ukuba kuphole,” kusho uNkk Sibaya.