UFUNA ubulungiswa uyise webhungu elibhokodwe ngomkhonto lashona ngesikhathi lisemgidini wokukhuliswa kwentombazane esigodini saseMabhungu, eMelmoth.
UMnuz Andile Simelane (20) kuthiwa ubese mgidini ngezintatha zangoLwesihlanu ngesikhathi kusuka ingxabano phakathi kwakhe nomunye okuthiwa umqhwabe ngempama emva kwalokho kwaliwa, kubangwa ukuthi umufi unqaba ukuvuma ingoma.
Emuva kwalokho kuthiwa kusuke indoda engaziwa ebisegcekeni izwa umsindo, yangena ngaphakathi emvalelweni, yagwaza u-Andile ngomkhonto yaphuma yabaleka.
Uyise kamufi, uMnuz Nhlanhla Simelane, uthe uthole umbiko ekuseni ngovivi kobethi uphuthumisa indodana yakhe esibhedlela, wabemtshela ukuthi uhlulekile ukusindisa u-Andile ngoba isishonile.
“Okungikhalisa kakhulu, ngizwa kuthulekile ngomenzi wokubi. Bonke abantu abebesemcimbini bathi abambonanga umuntu obhokode indondana yami ngomkhonto ngoba bekumnyama,” kusho uSimelane.
Uthi kuze kube yimanje abakaze bazihluphe, bavele abantu bomuzi obekunomcimbi khona, ukuzomkhalisa njengoba indodana yakhe ishonele khona. Uthi kwahlula ngisho esebike udaba enduneni ngawo umzuzu ethole ngokufa kuka-Andile, yamtshela ukuthi ayinaso isikhathi, isalele.
“Ngafika namaphoyisa isidumbu sendodana yami sidindilize egcekeni, bahluleka nokutshela amaphoyisa ukuthi umuntu obulele u-Andile wabaleka washona ngakuphi, nomkhonto abulawa ngawo awaziwa washonaphi,” kusho uSimelane.
Uthe ufisa ukuthi kwenzeke ubulungiswa ngokuthi kutholwe umbulali.
Ikhuluma neSolezwe induna yaseMabhungu, uMnuz Ncence Zulu, ithe bakhona nabanye abalimala endaweni yesehlo ngoba kwagcina sekulwa nabanye abantu ebebekhona emcimbini.
“Angibange ngisaya endaweni yesehlo, kepha ngaphuthuma emdenini wakwaSimelane ngoba beshonelwe, ukuzwa ukuthi baqhuba kanjani? Abomndeni lapho okwashonela khona u-Andile bafike ukuzolubika udaba, ngeshwa abazange bangifica ngoba bengingekho endlini,” kusho uZulu.
Uthe amaphoyisa abaxwayisa ngokuthi bayekele kuwo ukuthungatha umbulali ngoba bazogcina sebephazamisa uphenyo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa asesiteshini saseMelmoth, ayaphenya ngecala lokubulala.