Izindaba

UGandaganda ungene kwazwakala emculweni kamaskandi

Charles Khuzwayo|Published

UGANDAGANDA ogila izimanga emculweni kamaskandi ngezingoma ezishisa izikhotha

Image: SITHUNYELWE

YIZE enonyaka esemculweni kodwa uNtethelelo "Gandaganda" Sikhakhane useqophe umlando ngokuba wumculi wokuqala wesifazane onengoma esilalelwe amahlandla angaphezu kuka-9.2 million kuYouTube esihloko sithi Halala.

UGandaganda (24) wasesigodini saseThelezini, eNquthu, ungene emculweni nyakenye, kodwa uyena mculi wokuqala wesifazane obe nengoma eno-1 million views kuYouTube njengoba manje seyibheke ku-10 million views.  Uthe ikhono lakhe emculweni latholwa ngumculi uNdoni Ndunakazi weNdoni Music.

"UNdoni wangipha ithuba lokuthi ngingene emculweni, engibona kuyo imibukiso esezinkundleni zokuxhumana, sase sikhipha ingoma ethi Halala esidume umhlaba wonke neyenza kahle kakhulu ezitolo za-online."

UGandaganda akagcinanga ngoHalala kodwa ubuye wenza enye noNdoni esihloko sithi Lilizela, nayo esino-650 000 views kuYouTube. Yize uGandaganda esedume kangaka kodwa usaqhubeka nokuhamba uMkhosi woMhlanga, okuyinto ayiqale eseneminyaka eyishumi.

UGANDAGANDA ogila izimanga emculweni kamaskandi ngezingoma ezishisa izikhotha

Image: SITHUNYELWE

"Yilapho leli gama elithi Gandaganda lavela khona endleleni yokuzigcina ngoba konke engangikwenza - esibala kukho ukusina ngokuzimisela - kwakuveza ngokweqile amandla kaGandaganda. Sengingabala nakho ukuphakama-ke kwethambo, kuningi nje. Lase livela kanjalo-ke leli gama," kusho uGandaganda onguthunjana ezingane ezimbili zikaNksz Hlengiwe Sikhakhane noMnuz Sboniso Buthelezi.

Nasemfundweni uGandaganda akazibekile phansi njengoba eneziqu zeFinancial Management aziphothula eMajuba TVET College emuva kokufunda amabanga aphansi eThelezini Primary naphezulu eMuziwephahla Secondary, lapho aphothula khona u-matric. UGandaganda uthe ubonga kakhulu abalandeli bomculo nenkampani angaphansi kwayo, Indoni Music Production and Events.   

"Engingakusho ngomlando osuqophekile endimeni kamaskandi ukuthi engathi ungahlala ubengumlando omuhle esiyokwazi ukuziqhenya ngawo kwabaseza ngamuva. Bethi uma  babewubuka, bagqugquzeleke, baqhubeke bazabalaze kuze kufike la befisa kufike khona."

UGANDAGANDA ogila izimanga emculweni kamaskandi ngezingoma ezishisa izikhotha

Image: SITHUNYELWE

Uthe ukhule ebukela kubantu abaningi okukhona kubo uMama Mkhonza (uMaMdletshe) eThelezini, obengumphathi wezintombi zaseBaqulusini "ngakho konke okuhle abekwenza esaphila. Yikhona okwangakha ngayile ntombi engiyiyo namhlanje. Ngiyohlezi ngimbonga njalo."

UNdoni uthe yingakho bethathe isinqumo sokubungaza uGandaganda ngomcimbi, iHalala Song Celebration, eMakhoba VA Hall, eNquthu ngo-Agasti 9, kulo nyaka. Kule ndumezulu yomcimbi kuzobe kushiyelana inkundla oJaiva Zimnike, Imfezemnyama, Ngiga, Saliwa, Indoni, Gqizile,   Bonakele, Luve, Thandeka Hadebe, ManV, Fihlisikhwele, Amasinamuva Amasha, Ibhova Elincane, TV Biyela, KissBefore, Mashudula, Indodana KaNuba noKabaja. Esephetha unxuse abafuna ukuphonsa itshe esivivaneni bamthinte ngoba akakalutholi uxhaso eminyangweni kahulumeni, komasipala nakosomabhzinisini.