IGCWALE izinyembezi yahlulwa nawukuyichaza injabulo yayo inkosikazi kampetha omusha weComrades Marathon, u-Edward Mothibi obashaye emakhanda abagijimi abalinganiselwa ku-20 000 abebengenele umjaho izolo.
UNkk Ester Mothibi ubeseScottsville Racecourse ukuzokwamukela umyeni wakhe osengumpetha, uthe ubekholwa wukuthi isithandwa sakhe sizowunqoba umjaho oqale eThekwini ngo-5.30 ekuseni. UMothibi uwuqede ngesikhathi esiwu-5.31.33 eMgungundlovu.
“Ngibonga kakhulu kuwona wonke umuntu omesekile eMahikeng nalapha eThekwini. Okwamanje anginawo amazwi engingawasho,” kusho uNkk Mothibi.
Yize kusenzima ukukholwa ukuthi ngempela umyeni wakhe usebalwa nezinsephe ezinqobe lo mjaho ongeminye emikhulukazi emhlabeni kodwa ubenalo ithemba lokuthi angasithatha isicoco.
“Bengikholwa ukuthi angawina yena ngoba ngiwumuntu ohlezi ecabanga ngendlela eyakhayo,” usho kanje.
Uthe uMothibi uthathe amasonto ayisithupha esekhempini elungiselela iComrades obekungeyesibili eyigijima.
Izithukuthu zakhe zimhlomulise ngoR500 000 wokuba umpetha noR200 000 ngokuba owokuqala waseNingizimu Afrika ukunqamula intambo.
UNkk Mothibi akasebenzi, ukhulisa abantwana babo abathathu bamantombazane.
“Angazi ukuthi sizoyenzenjani imali kodwa khona sizoyihlelela,” kusonga uNkk Mothiba.
Umndeni kaMothibi bewukhona uzomeseka okubalwa namadodakazi amathathu. Kuthe noma eseyokhuluma kwisithangami nabezindaba ubesephelezelwa ngamadodakazi.
UMothibi uthe umndeni wakhe umeseka kakhulu kwezokusubatha ikakhulu wona amadodakazi asemancane.