ZITHWALE kanzima izisebenzi zeKhomishini ebhekele ukhetho ebezisebenzela epulazini laseDundee KwaZulu-Natal ngesikhathi ugogo oneminyaka engu-86 egoloza ukuvotela amaqembu asohlwini lwephepha lokuvota ngoba ethi akaliboni ikhanda lomzukulu wakhe.
UNkk Ngqabuthini Ngitheni Mdletshe (86) waku-ward 1, epulazini iFankomo, kuze kwaphoqeleka ukuba umndeni wakhe nabasebenzi bakwa-IEC bayolanda uNksz Thobile Dube abemfuna ukuze amkhombise ukuthi okungenani akavotele liphi iqembu ngoba elakhe ikhanda alikho ephepheni lokuvota.
Obephethe isikhungo sokuvota kuleya ndawo, uNksz Hlengiwe Mduna, uthe kubenzima kakhulu ukuvotisa uNkk Mdletshe.
“Sibona ukuthi usisi lona ubekhankasela iqembu elithile kugogo yingakho kuthe uma esezovota wathi uzovotela yena,” kusho uNksz Mduna.
Ugogo uMdletshe ukhulume neSolezwe ezihlalele ngaphandle nabanye omama abehambisana nabo uthe akazi nokuthi uvoteleni kodwa akwaziyo ukuthi uvotele ingane kamaDube.
UNkk Shonephi Khumalo ongumakhelwane, uthe njengoba bevota kuleli pulazi abasazi ukuthi sebavota kangaki ngoba intuthuko abayiboni. Uthe ugogo Mdletshe njengoba eneminyaka engu-86 sebeyabona ukuthi useyoze adlule emhlabeni ugesi engakaze awubone ngoba abanawo.
EGlencoe bekunokuthula. Elokishini eSibongile, eDundee bekukhetha ukhethu phakathi kwamalungu e-IFP nawe-ANC nawe-EFF enikeza abantu abebebuya ukuyovota ukudla netiye.
Endaweni yakwaSithole ngaseMsinga amalungu amaqembu abekolodelana ngezingoma. Awe-ANC abethi “Angisoze ngayivotela i-IFP” okuyiculo lesonto abaliguqulile. I-IFP naye igadle ngengoma ebishaywa iMeya uMnuz Petros Ngubane ethi “Yeyi wena wahlala wathula nje. Thina sivotela i-IFP, Yey’ wena”
Ehlathi Dam eNquthu nakoHlazakazi naseMondlo bekungekho zigameko abantu bevota ngokuthula kodwa baqale ukuba baningi ntambama.