UTHI ngeke aphumule engakabutholi ubulungiswa owesifazane waseMlaza othi washiswa yisoka lakhe ngamanzi abilayo eyolanda imali yesondlo.
UNksz Phumzile Mcanyana (33) uthe wayebizwe uyise wengane ukuthi azolanda imali yesondlo somntwana, kanti uzozithela kuye ehleli nentombi endlini yakhe.
Uthi akabange esangena nasendlini, kwathi uma engqongqoza emnyango, kanti intombi bese imbone kuqala yavula iscabha yamthela ngamanzi abilayo ilekelelwa uyise wengane yakhe.
“Kuthe kusenjalo kwaphuma uyise wengane ephethe isibhamu ethi uzama ukungidubula, kwavele kwangicacela lapho ukuthi angidingeki lana la bantu bangifuna ngifile,” kusho uNksz Mcanyana.
Nksz Mcayana uthe yize isoka lakhe nentombi, bobabili abangamaphoyisa, baboshwa bavela enkantolo ngomhla ka 20 Okthoba kodwa abaphindanga bavela enkantolo.
Ngisola ukuthi kukhona okwenzeka ngecala ngoba noma ngithinta amaphoyis aphethe icala angisawatholi.
Uthe njengoba kuzoqala umkhankaso oqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, i-16 days of Activism of No Violence Against Women and Children kuleli sonto oyoze uphele ngoDisemba, ufuna ukuphumela obala ngodaba lwakhe ukuze akhuthaze abanye besifazane abahlukunyezwe amadoda.
“Ngifuna ukuthola ubulungiswa ngendlela lesi sigameko esingihlukumeze ngayo. Ngesaba ngisho ukuphumela phandle ngenxa yamanxeba okusha asuka ekhanda kuya ebusweni. Njengoba kuzoqwashiswa ngokuhlukumyezwa kwabesifazane nezingane ngifuna okwenzeke kimi kungaphinde kwenzeke komunye umuntu wesifazane,,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa kwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe abasolwa ababili abalinganiselwa eminyakeni engu-34 kuya ku-37 bathweswa icala lokulimaza ngokungenhloso nokukhomba owesifazane ngesibhamu. Abasolwa bavela eNkantolo yeMantshi eseMlaza ngomhla ka 20 Okthoba.
Intatheli izamile ukuthola ukuthi kwenzekani ngecala, kodwa uGwala wayalela intatheli ukuthi ithumele imibuzo ngalokho ehhovisi leNational Prosecuting Authority.
Kuze kwashaya iskhathi sokushicilela okhulumela i-NPA uNatasha Kara engayiphendulanga imibuzo athunyelelwe yona.
UNksz Mcanyana uthi noma bavela eNkantolo futhi naye wayekhona ngalolo suku kodwa asizange sikhishwe isinqumo ngecala labo nokuthi banikwe olunye usuku abazophinde bavele ngalo eNkantolo. Kunalokho baphindiswa emuva abazange baze bangene nasebhokisini eNkantolo babuzwe imibuzo ngalokhu abakwenza.
Uqhube wathi uMshushisi wathi icala alizange lifakwe kahle futhi nedokodo lalo aliqondlile kahle ngalokho akaboni kungaba yicala elizoqhubekela phambili.
Uthe yena ngokwakhe ubona ukuthi isizathu esingadala ukuthi icala lakhe lingasukunyelwa yingoba abantu abamlimaza bangamaphoyisa.
Uthe wake waya esiteshini samaphoyisa eBhekithemba wafica abaseshi bezixoxela izindaba zabo noyise wengane okukhombisa kona ukuthi laba bantu bayazana, kwamcacela ukuthi icala alifaka kuyafana nokuthi wayezidlalela ngesikhathi ngoba ngeke liye ndawo,” kusho Nksz Mcanyana.
“Icala ngalidlulisela kuStation Commander ngomhla ka- 12 Novemba waba umuntu ozolusukumela lolu daba, kodwa angisizakalanga,” kusho yena.