Imeya yeTheku uMnuz Cyril Xaba
Image: Independent Media Archives
IMEYA kaMasipala weTheku, uCyril Xaba, ithi ngeke basabe ukuthatha izinyathelo lapho kunezincomo zokuba kwenziwe lokho noma kubuyiswe izinsiza zikahulumeni ezisetshenziswe ngendlela engafanele.
IMeya uXaba ikusho lokhu kulandela umyalelo woMphathiswa wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ukuba lo masipala ulande imali enguR30 million kulabo abathintekayo emva kokuba iTheku lichithwe iNkantolo yezoMthethosisekelo lapho belifuna kuguqulwe izinqumo zezinkantolo ezaliyalela ukuba likhokhele iDaily Double Trading 479 esebenzisa igama iPholobas Projects
ITheku lanqamula inkontileka yale nkampani laphinda layivala ukuba iyenzele imisebenzi okwalandelwa ukuba ilufake enkantolo eyanquma ukuba umasipala uyikhokhele uR30 million ngokuphula isivumelwano.
Umasipala uzamile ukuba lesi sinqumo siguqulwe iNkantolo yamaCala aDlulisiwe nakhona wakhala ngaphansi wabe usudlulela kweyoMthethosisekelo nalapho wachithwa.
Ngokwemibiko, le mali osekufanele ikhokhwe umasipala ingafinyelela kuR53 million sekuhlangene inzalo nezindleko zabameli.
UMphathiswa uButhelezi unxuse umasipala ukuba uthathele abathintekayo izinyathelo ezifanele ukwehluleka kwabo ukulandela imigudu efanele osekuholele ekutheni uchithe izigidi zemali uzama ukulwa nesinqumo izinkantolo ezathola ukuba siyawubophezela.
UButhelezi ubhalele uXaba ukuba athole zonke izindleko ezidaleke ngesikhathi umasipala ugqigqa ezinkantolo.
UXaba uthe usihlonipha ngokuphelele isinqumo senkantolo yokugcina ezweni.
“Ngiyasamukela isinqumo senkantolo futhi ngilinde kuphothulwe ukuhlanganiswa kwezindleko. Sengiluqalile uhlelo lokuba kubuyekezwe ukuthi lokhu kwenzeke kanjani nokuthi kungani kwenzeka okuhlanganisa nezeluleko zomthetho ezanikwa umasipala,” kusho uXaba.
Imeya ithe lokhu kuzosiza umkhandlu ukwazi ukubona ukuthi yisiphi isinyathelo okufanele sithathwe nokuthi ibuyiswa kanjani imali.
Iqinisekise izakhamuzi zaseThekwini ukuthi basebenza ngokuzikhandla hhayi kuphela ukwenza ngcono ukuhlinzekwa kwezidingo kodwa nokuphatha ngendlela efanele.
UXaba uthe umkhandlu usanda kuphasisa isabelomali sikaR70.9 billion sika-2025/26 ngakho-ke asebegxile kukho ukuqinisekisa ukuthi bahlinzeka izakhamuzi ngezidingo ezifanele ngesikhathi nangokuhambisana nesabelomali.
Uthe nakuba izinsolo zenkohlakalo ezibucayi zivele engakangeni kulesi sikhundla kodwa uzimisele ukubhekana nazo futhi izinyathelo zizothathwa ngaphandle kokusaba nokwenzelela.
Ugcizelele ukuthi ngeke afakwe ingcindezi ukuba athathe izinqumo ngokuxhamazela ekwenzeni umsebenzi wakhe azibophezela kuwo ngesifungo.