OWESIFAZANE othandana nekhansela alisola ngokumshaya ngemumva kokuthi elibhadame nentombi elijola nayo ngosuku lwezithandani ngeSonto, ufuna umthetho usebenze ukuze lijeze ngesenzo salo.
UNksz Cebile Dlomo (35) waseMlaza othi ushaywe yikhansela ngezibhakela ekhanda laphinda lamgwaza engalweni yangakwesokudla, uthe bese kunesikhathi engukudla kwenduku kodwa engakucabangi ukubikela emaphoyisa ngokuhlukunyezwa kwakhe.
Echaza ngesigameko sokushaywa ngeSonto ebusuku, uthe ubebuyela endlini yesoka lakhe abekhulume nalo ngokuthi bazobonana ngalobo busuku. Uthe umsolwa ubelokhu ekhuluma naye usuku lonke ocingweni mayelana nezinhlelo zokubonana kwabo ntambama. Uthe nangesikhathi esefikile kubo ( umsolwa) obehlezi nomunye wabangani bakhe ePinetown usuku lonke, akazange akhombise nhlobo ukuthi kukhona omunye umuntu wesifazane anaye njengoba bebekhuluma ocingweni bengakabonani.
“Ngithe uma ngifika endlini yakhe engaphandle kubo, kwasuka umsindo ngemumva kokuthi ngimuzwe ematasa nomuntu wesifazane. Ngibe sengimumemeza ngimtshela ukuthi akavule umnyango ukuze ngingene. Yilapho ecasuke khona wabe esevula isicabha maqede wangishaya ngezimpama waphinde wangigibela ngezibhakela ekhanda. Akagcinanga lapho ngoba uqhubekile esengishaya ngomshanelo umzimba wonke. Okunye okungiphatha kabi kakhulu wukuthi udadewabo obekhona ngenkathi sixabana, ubemlekelela esikhundleni sokuthi alamule,” kusho uNksz Dlomo.
Eqhuba uthe indlela izinhlungu ezimququda ngayo uyabona ukuthi kuzomthatha isikhashana ukuthi abuyele emsebenzini njengoba engakapholi kahle amanxeba akhe.
“Ngifisa umthetho umjezise ngesenzo sakhe njengoba ebe nesibindi sokungilimaza ekubeni kungekho engimone ngako. Ngimvulele icala ngoba ngisaba uwenziwa isilo sengubo njengoba engisabise ngokuthi uzongibulala,” kubeka uNksz Dlomo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele usiqinisekisile isigameko sowesifazane ovule icala lokushaywa esiteshini samaphoyisa eMlaza.