Izindaba

Ufuna kube seqhulwini ukulungiswa kwezibhedlela

Nkosikhona Cele|Published

LAPHA kungesikhathi kubhekwa ukulungiswa kabusha kwezindawo okuhlinzwa kuzona iziguli

Image: SITHUNYELWE

UMPHATHISWA woMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu-Natal, uMnuz Martin Meyer, usegcizelele ukubaluleka kokuba zibe seqhulwini izinhlelo zokulungiswa kwezibhedlela.

UMeyer uthe izibhedlela ziwumgogodla omkhulu wesifundazwe yingakho kumele kuqinisekiswe ngayo yonke indlela ukuthi zisezingeni elifanele zonke izibhedlela ezitholakala ezingxenyeni ezahlukene zesifundazwe.

Usho lokhu ngesikhathi ehambele esibhedlela sasePort Shepstone ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal, iMurchison Hospital, ekuMasipala iRay Nkonyeni.

UMphathiswa ubekulesi sibhedlela ezoqinisekisa ukuphothulwa kokulungiswa kwezindawo ezimbili zokuhlinza iziguli kulesi bhedlela. Lezi zindawo kuhlalukile ukuthi phambilini bezingekho nhlobo esimeni esifanele.

UMeyer ukuncomile ukuthi lesi simo sesilungisiwe .

Ugcizelele kakhulu ukuthi abantu baKwaZulu-Natal bayakudinga ukubona izibhedlela zabo zilungiswa ngoba lokho kuyinto emqoka kakhulu.

Uthe umsebenzi osuke wenziwe kusuke kufanele kubhekwe ukuthi unomthelela ongakanani kulowo mphakathi.

"Kuyinto emqoka ukuba sisebenzisane sonke senze konke okusemandleni ethu ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi umphakathi usebenzisa izibhedlela ezisezingeni ngaso sonke isikhathi," usho kanjena.

Umethulele isigqoko usonkontileka wesifazane obekade enikezwe umsebenzi omkhulu wokwenza lo msebenzi."Kuyajabulisa ukubona osonkontileka besifazane benza umsebenzi omuhle kangaka nogculisayo. Lokhu kunikeza ithemba ngokuthi baningi abanye osonkontileka besifazane abazobonakala benza umsebenzi omuhle kangaka," usho kanjena.

Ukushayele elikhulu ihlombe ukusebenzisana okuhle athe kubonakele phakathi koMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu-Natal kanye noMnyango wezeMpilo .