UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal uthi awufuni ukuyikhuluma eyemali efunwa wumndeni ogxumeke itshe lethuna phakathi ekilasini.
Kuthiwa umndeni ufuna ukuthi umnyango uwukhokhele uR3 million ngendawo okwakhiwe kuyo lesi sikole iMthwane Senior Secondary eMzimkhulu.
Okhulumela umnyango, uMnuz Sihle Mlotshwa uthe umnyango wake waba nazo izingxoxo nalo mndeni phambilini kodwa zafinyelela kwangqingetshe.
Uthe akukho maphepha awubufakazi lo mndeni owakwazi ukuwavezela umnyango.
Kuvela ukuthi umndeni uthathe isinqumo sokunameka leli tshe lethuna ngemuva kokuthi izingxoxo nomnyango zingaphumelelanga.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesonto elidlule leli phephandaba libike ngalesi sikole esingakwazanga ukuqala ukufunda njengoba bekuvulwa izikole. Othisha nabafundi bakwaGrade 10 babingelelwa yithuna ekilasini.
“Imali kahulumeni njengoba ibhekela izidingo zemfundo, ayivele ikhishwe noma yikanjani. Umnyango wacela ukuthi kube khona ubufakazi obuphathekayo ngoba awukwazi ukuvele ukhiphe imali ukhokhele umuntu. Kodwa siyalusebenza lolu daba, ziyaqhubeka izingxoxo nomndeni,” kusho uMlotshwa.
Ugcizelele nangokuthi umnyango wenze izinhlelo zokuthi laba bafundi bakulesi sikole basuswe, bayiswe kwenye indawo esivele inamakilasi angomahamba nendlwana.
Eqhuba uthe udaba lwamanzi nogesi esizeni esisha abayisa kuso abafundi, yilona abazolulungisa kuqala.
“Sesikhulumile nomasipala, uzofakwa ugesi namanzi ngoba yikhona okuvimbe ukuthi aqale ukusebenza amakilasi. Nakhona kunezinhlelo okuzosetshenzelwa phezu kwazo ukuqinisekisa ukuthi ukufunda kuyaqhubeka ngendlela efanele,” kusho uMlotshwa.
Phakathi nesonto othisha, abazali nabahloli bahlanganile ukudingida ngendaba yethuna kodwa base bethola umyalelo wokuthi lungabe lusaphathwa lolu daba kwabezindaba.
Omunye wabazali uthe sekunenhlasi yethemba njengoba sekuqaliwe ukumbiwa kwafakwa namathoyilethe kule ndawo entsha enamakilasi angomahamba nendlwana.