KUZOQHUBEKA ngo-Okthoba 22 ukuqulwa kwamacala abhekene noMfundisi Timothy Omotoso osolwa ngokudlwengula nokushushumbisa abesifazane.
Izolo ufakazi wokuqala kuleli cala, uNksz Cheryl Zondi, ubephekwa ngemibuzo abammeli baka-Omotoso webandla iJesus Dominion International Church. UNksz Zondi (22) ungomunye wabesifazane ababalelwa kwabangaphezulu kuka 30 abasola umfundisi ngokubanukubeza ngokocansi kusuka ngo-2009 kuya ku-2017 okuwunyaka aboshwa ngawo esikhumulweni sezindiza ePort Elizabeth.
Zithe zisuka nje ummeli ka-Omotoso, u-Adv Peter Daubermann, wathi akayitholi imibiko yokuhlaziywa kwemiqondo yabamangalele umfundisi.
UDaubermann uthe lokhu kuba nomthelela uma esepheka ngemibuzo abantu abafakazayo. Uvezele uNksz Zondi izithombe nama-video akhe esesebandleni lika-Omotoso ebukeka ejabule.
UNksz Zondi uthe wayephoqwa ukuthi ahlale ebukeka eneme ngazo zonke izikhathi futhi amoyizele. Uthe ukungakwenzi lokhu kwakuzomenza abukeke njengomuntu ongahambisani no-Omotoso.
Uchaze lo mfundisi njengendoda ebinamandla futhi ilawula impilo yabo.
UNksz Zondi uthe wayenukubezwa ngokocansi cishe zinsuku zonke esikhathini esingangeminyaka emibili nohhafu. Ngesikhathi echaza ngokubaleka kwakhe endlini ababevalelwe kuyo eMhlanga ubelokhu ekhala kwaze kwadingeka ukuthi kumiswe ukuqulwa kwecala.
Uthe wathatha uR300 awunikezwa wumfundisi ngaphambi kwenkonzo enkulu wawugcina ukuze agibele ngawo.
“Ngangifuna ukuhamba sebelele bonke endlini kodwa kwakukhona owesifazane owayesekhishini, ngazitshela ukuthi namhlanje ngiyakwenza lokhu noma ngiyafa. Ngathatha ukhiye, ngaphuma ngathatha isikhwama sami ngangena emotweni eyi-cab ngatshela umshayeli ukuthi akalinde” kusho uNksz Zondi echaza ngendlela abaleka ngayo emzini ababehlala kuwona.
UNksz Zondi uthe wayesaba ukubikela amaphoyisa ngokunukubezwa ngokocansi ngoba amaphoyisa ayekhona ebandleni lika-Omotoso.
“Ngangingenawo amandla anele okumelana nayo yonke le nto ngaleso sikhathi. Ngangingakwazi ukubikela amaphoyisa ngoba ayemphelezela yonke indawo aya kuyo. Ayelahla phansi amajakhethi awo ukuze ahambe phezu kwawo. Ngangingawathemba kanjani amaphoyisa ngemuva kwalokho?” kuchaza uNksz Zondi.
UNksz Zondi uqale ukufakaza ngoMsombuluko. Icala limisiwe ukuze abhale izivivinyo. IJaji uMandela Makaula limufisele inhlanhla. Kulindekele ukuthi aqhubeke nokufakaza uma eseqedile ukubhala.
Khona manjalo ngaphandle kwenkantolo silokhu sikhule njalo isibalo sabeseka uNksz Zondi njengoba izolo kujoyine ngisho abahleli be#TotalShutDown ne-ANCWL, egxeke abesifazane abebegqoke imifaniswano yayo abebeseka u-Omotoso. Nabesekau-Omotoso abapheli amandla balokhu bekhona ngaphandle enkantolo.