UHLONISHWE ngomngcwabo osezingeni eliphezulu ugogo oneminyaka engu-82 obengesenabani waseMondlo, oshone ngenyanga edlule.
UNkk Agreeneth Sibisi (82) ungcwatshwe emzini wakhe, izolo ngosizo lukahulumeni luka-Operation Sukuma Sakhe obuhambisana nazo zonke izinhlaka zikahulumuneni okubalwa kuzo namaphoyisa.
USihlalo kaSukuma Sakhe okuwuhlaka olusingethwe ihhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Hlengiwe Ndlozi, uthe ugogo bamthola ngesikhathi kugujwa usuku lokuzalwa kukaDkt Nelson Mandela nyakenye.
“Ngesikhathi simthola ugogo wasichazela ukuthi akanasihlobo ngoba umyeni wakhe nezingane sebashona. Sacela ukumyisa ekhaya labadala kodwa wenqaba. Yingakho sanquma ukuba simnikeze usizo ehleli kwakhe eNceceni.
“Kuthe ngenyanga edlule satshelwa yikhansela laku-ward 17, eNceceni ukuthi ugogo akasekho emhlabeni,” kusho uNkk Ndlozi.
Uthe yilapho bengenelele khona bacela yonke iminyango kahulumeni okuhlanganisa namaphoyisa nosomabhizinisi bendawo ukuze bakwazi ukumngcwaba.
“Nakuba ebengasenabani kodwa simhloniphe ngomngcwabo onesizotha ngoba umphakathi nawo ubuphume ngobuningi uzomphelezela okokugcina,” kuchaza uNkk Ndlozi.
Uthe nakuba ugogo ebengenabani kodwa okuhle ukuthi ubenawo umazisi futhi eyihola impesheni.
Uqhube wathi ubunzima buvele eseshonile bengakwazi ukumenzela incwadi yokumngcwaba kanti basizwe induna yendawo.