UVUKE umbhejazane wavala umgwaqo ngamathayi avuthayo nangamatshe umphakathi waKwaMashu izolo ekuseni kulandela ukubulawa komshayeli wetekisi okusolwa ukuthi kwenziwe abagibeli okuthiwa bahlala ehostela laKwaMashu.
UMnuz Phumlani “Mkhaba” Makhanya (37) ubulawe ngoMgqibelo ebusuku ngabazenze abagibeli, abathe sebehla bamfuna imali ngenkani, bagcina ngokumdubula.
Umufi ushonele endleleni eya emtholampilo ePoly, KwaMashu.
Izolo ekuseni umphakathi ugcwale umgwaqo ukhala “ngezigebengu” ezihlasela osomatekisi bese ziyocasha ehostela.
UNksz Zandile Makhanya, ongumalumekazi kamufi, uthe badumele ngoba ufele ubala uMakhanya njengoba bethathe uR90 kuphela abasolwa.
“Kumanje siphithene amakhanda ngesihluku abasenzile ngokubulala ilungu lethu lomndeni. Esisakutholile ukuthi ngoMgqibelo ebusuku ngabo-7 usuke esteshini KwaMashu ehambisa abantu. Bese kusele abantu ababili abacele ukwehla ehostela. Sebehla bakhombe ngesibhamu usicabha omunye wakhomba umufi befuna imali. Usicabha usitshele ukuthi umnikeze uR90, badubula umufi ngoba bethi incane lemali abanikeze yona. Babe sebebaleka emuva kokumdubula,” kusho uNksz Makhanya.
Uthe usicabha ukwazile ukushayela itekisi eyofuna usizo. Washiya umshayeli elele phansi emuva kokudutshulwa. Ubuye nosizo, babe sebemphuthumisa emtholampilo, washona besendleleni.
Iselula nemali enguR1000 ebisephaketheni likamufi kuthiwa kukhona, owadlula wamkhuthuza wakuthatha esalele wabuye wakubuyisela emndenini.
Lezi zinto zilandwe ehostela KwaMashu, obezithathile ucele umndeni ukuba umnikeze uR150 wedilinki ngokubatholisela izinto azikhuthuze kumufi.
Umndeni kaMakhanya uthe uyazi ngombhikisho womphakathi obukhona ekuseni yize bona bebengeyona ingxenye yawo njengoba bezilile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe kuvulwe icala lokubulala kanti akekho oseboshiwe.
Umndeni kamufi uveze ukuthi uMakhanya ubehambisa izingane esikoleni ngenye imoto kodwa ngezimpelasonto ushayela itekisi. Ubephinde akhande amatekisi erenki uma engakalandi abafundi.
Kuthiwa ekupheleni konyaka odlule uke wabanjwa abanye abagibeli bakhona ehostela kodwa wakwazi ukubaleka. Imenenja ehhovisi leSantaco e-KZN, uMnuz Sfiso Shangase, ikugxekile ukubulawa kwabashayeli
ehostela.
“Uma sesishaya umthetho wokuthi amatekisi asheshe ame ukuthutha abantu kuzolimala abasebenzi kodwa abashayeli bethu bayhlaselwa izigebengu. Sifuna kuphele lokhu,” kusho uShangase.