UFE olwembiza umphakathi waKwaSwayimane ku-ward 11 ngaphansi kukaMasipala waseMshwathi kungqongqiswa ngomlilo ihholo lomphakathi elibuye lisetshenziswe njengehhovisi lekhansela nomtholampilo ongumahambanendlwana.
Lesi sigameko esishiye amalungu omphakathi edidekile, kuthiwa senzeke ngoMgqibelo ebusuku.
Ikhansela lakule ndawo, uNksz Londi Zondi, lithe lesi sehlo siwuhlukumeze kakhulu umphakathi kwazise kuphinde kwacekeleka phansi nempahla yokwakha amathoyilethi omphakathi ebigcinwe kulo leli hholo.
“Abantu abenze lokhu bakhombise ukuba nonya oluyisimanga emphakathini ikakhulu njengoba sekuphazamiseke nohlelo lokwakhiwa kwamathoyilethi obelungakaphothulwa. Ngaphandle kwalokho, kuphinde kwasha izinsiza engilekelela ngazo umphakathi njengekhansela, ngoba ihhovisi engisebenzela kulo likuleli hholo,” kusho uNksz Zondi.
Uqinisekise ukuthi azikho izinxushunxushu noma imibhikisho ebisike yabakhona yomphakathi ukhala ngokunganeliseki.
Uveze ukuthi abenzi balokhu bebehlosile ngoba kutholakale amathayi ebeshiswa phakathi kulo ihholo nezitulo kuhlanganisiwe kwangqongqiswa ngomlilo.
Ukhala ngomphakathi osele dengwane kusha lesi sakhiwo athe besiwusizo kakhulu emphakathini kubanjelwa khona izinkonzo zamabandla ehlukene, kushadiswa kuphinde kubanjelwe kulo imihlangano yomphakathi. Ugcizelele ukuthi belisiza kakhulu abagulayo njengoba bekusondezelwa kulo umtholampilo ukunikeza ngemishanguzo kulabo abaphila nezifo ezingamahlalakhona.
Uveze ukuthi iziphathimandla zikamasipala zihlanganile nomphakathi emizameni yokuthola umkhondo ngokushiswa kwalesi sakhiwo sikahulumeni kodwa alikho nelilodwa ilungu lomphakathi eliveze ukuthi linolwazi. Lokhu kubashiya bedunguza ebumnyameni ngalesi senzo kodwa banethemba lokuthi amaphoyisa azokwenza umsebenzi abambe abathintekayo ngokushesha.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokucekela phansi esiteshini samaphoyisa e-Wartburg, amaphoyisa ayaphenya.