UKHALA uyazithulisa owesilisa waseMuden ngaphandle kwaseGreytown ngokushona kwengoduso yakhe, abezoshada nayo maduze, engozini yemoto ikade ihamba nabangani abane beyothenga iziphuzo.
UMnuz Samuel Sibiya uthe ingozi ivele ekade evakashele ingoduso yakhe, uNksz Nokuthula Bhengu, lapho isebenza khona eSeven Oaks ngaseGreytown.
Ingozi yenzeke ngeSonto emgwaqweni oseSeven Oaks eduze kwalapho bekusebenza khona abangani. Abesifazane abathathu bashone ujuqu oyedwa washonela esibhedlela. Bebebahlanu emotweni.
Oyedwa osindile kuthiwa kubonwa ngokusa kuyena.
USibiya uthe bebehlela ukushada maduze nengoduso yakhe yaseMpolweni eMgungundlovu. Uthe yaphuma endlini iphelezela umngani wayo owayeyiluka ikhanda.
“Kusenzima nokukhuluma ngalesi sehlakalo ngoba besihlele ukushada maduze. Ngisangene ikhanda njengamanje. Akazange avalelise ngoba ubephelezela umngani ezobuya emizuzwini engu-10. Ngizwe sekuthiwa useshonile engozini yemoto ngashaqeka,” kusho
uSibiya.
Uthe waqale wathintwa wumlamu wakhe odayisa ezitolo eSeven Oaks emazisa ukuthi ingoduso yakhe icelwe abangani bayo ukuba ibaphelezele baye ezitolo beyothenga iziphuzo.
“Ngoba ngangihleli endlini yengoduso yami angibanga nankinga ngangilindele ukuthi izobuya. Kwaba umzuzwana nje ngihleli ngabe sengithola olunye ucingo kuthiwa behlelwe yingozi embi. Ngifike endaweni okwehle kuyona ingozi eseshonile. Imoto abebehamba ngayo ishayisane neloli elithwala izingodo. Kusenzima kakhulu ngenxa yesimo engasibona, babengeke basinde ngendlela ababelimele ngayo,” kusho uSibiya.
Ngesikhathi ethintwa yiSolezwe uthe umatasa ulungiselela umngcwabo wengoduso.
“Kumele ngabe silungiselela umshado wethu kodwa manje sekumele ngenze lokhu (ukulungiselela umngcwabo),” kusho uSibiya ekhathazekile.
Uthe okwenza isilonda sinsonsothe kakhulu wukuthi abazange bavalelisane njengoba umufi aphuma ngelithi ‘sthandwa sami ngiyabuya manje’.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele uthe kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso eGreytown emuva kokushona kwabane engozini yeloli nemoto encane.