UVELE namuhla eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma unogada wemoto ethwala imali, obhekene necala lokubulala, okuthiwa udubule owesilisa onqabe ukuhlehla eduze kwemoto ethwala imali enxanxatheleni yezitolo eKwaMashu kwa-L, ngoMsombuluko emini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kube nokujikijelana ngamazwi phakathi kukamufi ona-39 nalo msolwa ona-42.
“Kusolwa ukuthi onogada, abebenza umsebenzi wabo kule nxanxathela yezitolo, batshele lo wesilisa ukuthi akaqhele emotweni yemali kodwa wenqaba, kunalokho wabalwisa. Kuthiwa kungaleso sikhathi unogada ekhiphe isibhamu wadubula umufi esifubeni,” kusho uColonel Mbele.
Uthe umgilwa uphuthunyiswe esibhedlela enenxeba lokudutshulwa wafike washonela khona.
Uthe ngesikhathi kusanakwe lesi sigameko abantu besashaqekile, kusolwa ukuthi amanye amalungu omphakathi abekhona agijime angena esitolo azama ukuzitapela impahla. Kuthiwa onogada bakwazile ukubamba abasolwa ababili abaneminyaka ephakathi kuka-31 no-32 nezimpahla zokwebiwa.
UColonel Mbele uthe kuvulwe icala lokugqekeza esiteshini samaphoyisa esiseNtuzuma, laba basolwa kulindeleke ukuthi bavele enkantolo efanayo namuhla.