ILOKHU iqhubekile nokuqhuma inganono eMlaza emuva kokubulawa kwendoda ebiphuza nabangani bayo ngaphandle kwasethaveni eSmindlo kwaK.
Kuthiwa uMnuz Mzokhona “Kayikayi” Ndimande ( 33), odutshulwe kaningi emzimbeni ngoMgqibelo, uphuthunyiswe esibhedlela wafika washonela khona.
Ukudutshulwa kwakhe kwenzeke emuva kokudutshulwa kukasomatekisi nomngani wakhe bafa.
UNdimande kuthiwa udutshulwe ngomunye wabangani bakhe ngaphandle kwendawo yokucima ukoma. Kuthiwa kasishiyagalombili.
UNdimande uhlaselwe esenesikhathi esingangonyaka anyamalala eMlaza.
Kunezinsolo zokuthi kukhona ababekade bemfuna ngodaba oluthinta abanye abangani bakhe ababulawa khona eMlaza nodaba oluthinta amabhizinisi akhe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuphenywa icala lokubulala.
“Amaphoyisa aseBhekithemba aphenya icala lokubulala kulandela isehlo sangoMgqibelo ngo-4.30 okudutshulwe kuso indoda ngaphandle kwethaveni eMlaza.
“Udutshulwe amanxeba amaningi emzimbeni, waphuthunyiswa esibhedlela wafika washonela khona.
“Imbangela yokubulawa kwakhe ayaziwa. Uphenyo lusaqhubeka. Akekho osaboshiwe,” kusho uCaptain Gwala.