BAZIZWA bengaphephile abahlali basehostela eKlaarwater emuva kokuthi amadoda amabili abezenza abathengi ehamba ngetekisi edubule owesifazane wafa.
UNksz Sizakele Shelembe (35) kuthiwa udutshulwe esifubeni ngoLwesibili ngabo-8.30 ebusuku washonela esitolo sakhe esiyikhonteyna.
Kuthiwa itekisi ebihamba amadoda amabili ibe isizihambela kancane ngaphakathi ehostela emuva kwesehlo yase iphela emehlweni.
Uyise wengane kaNksz Shelembe udutshulwe wafa ngoJanuwari ehostela yindoda okuthiwa yayizenza umthengi esitolo.
Abazibonela bathi wadutshulwa emini kabha ebusweni nasemzimbeni.
UNksz Shelembe wafika ehostela ngo-Agasti 2013 esuka emqashweni ezohlala noyise wengane yakhe eneminyaka emihlanu.
Udabuka eTatane, eMtshezi. Ushiye emhlabeni izingane ezimbili zamantombazane – eneminyaka ewu-12 neneminyaka emihlanu.
Kuzo zombili izehlo zokubulawa kwabo akuthathwanga lutho.
Udadewabo kamufi, uNksz Sonto Nxumalo, uthe ubengakaze ababikele ukuthi unezitha noma abantu abamsongela ngokufa. Ugcine ukumbona ngoMsombuluko emini ephile engumqemane.
“Ubeyedwa kwikhonteyna ngesikhathi edutshulwa engekho umfana omsiza ngokudayisa esitolo. Usisi ubengumuntu olungile, ezihlekela futhi engenazindaba,” kusho uNksz Nxumalo.
UMnuz Skhumbuzo Khumalo, ongumholi wabahlali kuleli hostela, uthe bashaqekile ngoba kuyabonakala ukuthi abaphephile. Uthe ihostela labo lisemgwaqweni izigebengu zibalekela amaphoyisa zifihle izimoto khona.
“Akusona isigameko sobugebengu lesi ngoba akuthathangwa lutho. Iyawukhathaza umoya wami le nto futhi siyayibabaza ngoba babulale umuntu wesifazane obezilungele, engenamsindo, obehlala ezihlekela futhi obengesona isixhwanguxhwangu,” kusho uKhumalo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisekisile ukuthi kunecala lokubulala eliphenywa amaphoyisa aseMariannhill.
Uthe kusolakala ukuthi owesifazane udutshulwe ngamadoda amabili angaziwa abezenza abathengi.