UFUNA ubulungiswa umndeni wowesilisa odutshulwe umshayeli wemoto abebeyiqashile ngoba ebasola ngokuthi bebezama ukuduna imoto yakhe eNew Germany ngasePinetown ngempelasonto.
UMnuz Sanele Mthethwa (38), udutshulwe washona ebusuku ngoMgqibelo kade kuwusuku lwakhe lokuzalwa bebhiyoza nomfowawo nomngani wakhe.
Ngokusho kwelungu lomndeni uNksz Nozibusiso Sibiya, umfowabo babize le moto ukuze ibahambise endaweni yobumnandi njengoba bebebhiyozela usuku lwakhe lokuzalwa.
“Umfowethu kuthiwa ungene emotweni wahlala ngaphambili, wazidlalela ngokuthi kade babemfuna lo mshayeli, umshayeli kuthiwa uvele wakhipha isibhamu wadubula umfowethu amahlandla amane. Uqede lapho wadubula nomngani kamfowethu kaningi. Umngani ukwazile ukuphuma emotweni wasala kanjalo phansi. Imoto iqhubeke yaya esiteshini samaphoyisa KwaDabeka. Umfowethu omunye omncane (23), naye ubesemotweni kodwa ezifihlile ngoba umshayeli akambonanga engena. Uze wafika naye esiteshini wabe eseziveza sekunamaphoyisa. Yilapho umshayeli ethe naye ungomunye obezama ukumbamba inkunzi, ube eseboshwa umfowethu."
Uthe ibashaqisile indlela amaphoyisa aziphathe ngayo ededela umshayeli ekubeni kunguyena odubulile.
“Sifuna kuboshwe umshayeli, sifuna kuboshwe amaphoyisa ahlukumeze umfowethu embopha ngaphandle kokuthatha izitatimende ngokwenzekile, ekholelwa okushiwo umshayeli kuphela. Sifuna ubulungiswa,” kusho uNksz Sibiya.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natala uColonel Thembeka Mbele uthe: “NgoMgqibelo ngo-11 ebusuku kucelwe umshayeli okhokhelwayo ukuba azolanda abesilisa abathathu eNew Germany. Ngesikhathi umshayeli efika laba bazame ukumbamba inkunzi. Umshayeli ube esethatha isibhamu sakhe wadubula omunye umsolwa ekhanda washonela khona lapho. Uphinde wadubula kabili, kwadubuleka omunye umsolwa wesibili. Umsolwa wesithathu ucashe ngaphansi kwesihlalo sikamshayeli ngemuva, umshayeli uze wafika esiteshini saKwaDabeka wabika ngokwenzekile. Ngesikhathi efika esiteshini ubone umsolwa wesithathu elele emotweni, ube seboshwa ngecala lokuzama ukuduna imoto.”
Amaphoyisa athe umsolwa wesibili ube esephuthunyiswa esibhedlela lapho egadwe khona amaphoyisa. Umsolwa wesithathu ubevele enkantolo yasePinetown izolo ngecala lokuzama ukuduna imoto.
“Umfowethu uhlukumezekile ebona umfowabo ebulawa naye wabe eseboshwa. Kumanje (izolo) sisenkantolo sebewahoxisile amacala abebekwe wona umfowethu kodwa sifuna ukuvula icala ngokuhlukumezeka kwakhe kodwa abasivumeli eziteshini bathi likhona leli lokuthi bebezama ukuduna lo mshayeli,” kusho uNksz Sibiya.
UCol. Mbele uthe kusaphenywa ngaleli cala.
Umndeni ukhala ngokuthi umshayeli uyazicanasela njengoba yena engaboshiwe ekubeni bona bezilile ngenxa yakhe.