Abezimo eziphuthumayo bezama ukuhlenga ibhungu elidutshulwe libalekela imigulukudu.
Image: facebook
Ibhungu elineminyaka engu-19 ubudala lidutshulwe labulawa ophahleni lwendlu emzini osemgwaqweni uBeethoven, eKapa.
Ngokwemibiko, isisulu besijahwa amalungu eqembu lezigelekeqe, okukholakala ukuthi ngamaMongrel, ngesikhathi sizama ukubaleka ngokugibela ophahleni lwendlu nokuyilapho sidutshulelwe khona.
Abezimo eziphuthumayo bazamile ukuhlenga impilo yaso ngeshwa, kwangaphumelela.
Amaphoyisa aseqale uphenyo ngalesi sigameko, okukholakala ukuthi sihlobene namaqembu ezigelekeqe.