USALE ukhungathekile umphakathi nomakhelwane baseMsamu, eMuden, ngaphandle kwaseGreytown, emuva kokuba kubulawe owesifazane oneminyaka engu-51 phambi kwezingane zakhe.
UNkk Luzile “MaZakwe” Dladla, udutshulwe esemzini wakhe ngoLwesine ebusuku.
Ngokuthola kweSolezwe, uthole ucingo kwathiwa akaphumele ngaphandle kwendlu okuyilapho edutshulwe khona.
Lo wesifazane kuthiwa ubehlezi nezingane zakhe ezintathu adutshulwe phambi kwazo.
Izingane kuthiwa zitholwe phansi kombhede sezicashile.
Isidumbu sakhe naso besiseduze kwawo umbhede ebekucashe kuwo izingane.
Ikhansela lakule ndawo elingumakhelwane kamufi uMnuz Zibeke Zakwe, lithe basale bekhungathekile ngokudutshulwa kukaNkk Dladla.
“Kubi ukudutshulwa komuntu wesifazane, kusishaqile futhi sikhungathekile singomakhelwane bakhe. Umphakathi ushaqekile ngalokhu okwenzekile ngoba yinto engaziwa kule ndawo. Nalowo mbulali uhamba eqhosha nje ngokubulala umuntu wesifazane. Ngezwa kuqhuma isibhamu ngisekhaya ngoba ngangingakalali ngabe sengigijima ngiya khona ngafica izingane zicashe phansi kombhede naye elele ngakhona embhedeni ngoba wadutshulwa ngaphandle wabe esezama ukubalekela endlini,” kuchaza uZakwe.
Elandisa leli phephandaba uthe noma bengayazi imbangela yokubulawa kwakhe kodwa bathole ukuthi wakhishwa ucingo endlini.
“Esikuzwayo wukuthi wakhishwa ngefoni endlini, kuthe eyobamba ucingo wabe esedutshulwa. Esedubulekile wabaleka esebuyela endlini ezama ukuyocasha phansi kombhede. Esikufunayo ukuba amaphoyisa aphenyisise abophe abasolwa,” kusho uZakwe.
Uthe ziyanda izigameko zokuhlaselwa kwabesifazane ngokudutshulwa eMuden njengoba kwesinye isigodi eNkomba kusanda kudutshulwa abesifazane ababili.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseMuden avule icala lokubulala.
“Kusaphenywa akekho osaboshiwe,” kusho uCaptain Gwala.