KUNGAKAPHOLI maseko kuwe izinsika embonini yamatekisi sekuphinde kwadutshulwa uSihlalo kasoseshini, Inteke eduze naKwaNdengezi, ngaphandle kwasePinetown ngeledlule.
UMnuz Njabulo Ntombela (31) obengusihlalo kusoseshini waseNteke udutshulwe ngentululwane yezinhlamvu emuva kokuvulela obengqongqoza kwakhe.
Ukudutshulwa kukaNtombela okushiye abantu beshaqekile kulandela ukudutshulwa kukaSihlalo kasoseshini wamatekisi aseMpumalanga (Hammarsdale), uMnuz Mbhekeni Hlophe noSihlalo kasoseshini wamatekisi aKwaMnyandu, eMlaza, uMnuz Mzameni Hlophe ababulawe ngoDisemba.
Usoseshini waseNteke mncane awukho ohlwini lososeshini abangu-20 abangaphansi kwesifunda iDurban West okuyiPinetown nezindawo ezingaphansi kwayo.
UMnuz Venter Mhlongo obhekele ezokuphepha kusoseshini waseNteke uthe basashaqekile ngokudutshulwa kukaNtombela ngoba abasazi isizathu futhi abazimisele ukuqagela imbangela.
“Sitshelwe ukuthi kungqongqoze umuntu emzini kaNjabulo ehleli nomndeni wakhe, uthe uma evula umnyango kwadedelwa inqwaba yezinhlamvu.
Uphuthunyiswe esibhedlela iRK Khan lapho eshonele khona. Sizolinda amaphoyisa aphenye,” kusho uMhlongo.
Imizamo yokuzwa ukuphawula komndeni kaNtombela ayiphumelelanga njengoba ucingo lukababekazi wakhe belukhala lungabanjwa.
ULieutenant Colonel Thulani Zwane wamaphoyisa KwaZulu-Natal uthe amaphoyisa aKwaNdengezi aphenya icala lokubulala emuva kokudutshulwa kowesilisa (31) odutshulwe emzini wakhe eNteke.
“Uphuthunyiswe esibhedlela kodwa washona esanda kufika. Okwamanje ayaziwa imbangela yokubulawa kwakhe. Bekungakaboshwa muntu.
Amaphoyisa aKwaNdengezi ayaqhubeka nophenyo,” kusho uZwane.