KUGCINE kumenele umlandeli womculo kamaskandi, uDubula Mbatha, emuva kokudutshulwa ngoyaba lwezinhlamvu ephuma eKwaSteve Car Wash eGoli Isithombe: FACEBOOK
ISIMO simanzonzo emculweni kamaskandi kulandela ukudutshulwa kubulawe ngoyaba lwezinhlamvu komunye wabalandeli abaqavile, uDubula Mbatha.
Ngokuthola kweSolezwe, umufi uhlaselwe ehamba nasondelene nabo bephuma kwaSteve Shisanyama, eJulisi, eGoli, ngeSonto ebusuku. Uphuthunyiswe esibhedlela kwembulwa kwembeswa kodwa ukufa kwamenela ngezintathakusa zangoMsombuluko.
Ukudlula emhlabeni ngokuzuma kukaDubula waKwaNongoma, kudalulwe yiqhawe lakhe eliyisihlabani somculo kamaskandi, u-Ali "Igeza LakwaMgube" Mgube wamaSAP ne-10111 Omaqondana, izolo.
"Sonke silahlekelwe kakhulu ngale nsizwa yaseMaMbatheni. Ngiphinde ngithi dudu kubalandeli bomculo bakamaskandi ngoba le nsizwa besiyazi kakhulu kubalandeli bakamaskandi."
UDubula uzakhele udumo nobutha ngokungcofa abantu abaningi abaziwayo kwi-TikTok, abanjengoNgizwe Mchunu, usomatekisi uMavava Sikhakhane, izinyanga oKing Bhaka Nzama neNyanga Yeshumi nomculi kamaskandi uKhuzani Mpungose.
UNgizwe uke wazwakala ekhuza uDubula ukuba ahlukane nokuzenza insizwa ekubeni engesiyo. UNgizwe ubexwayisa uDubula emuva kokuba ezwakale egibela ngenhlamba uMavava kwi-TikTok. Kwadlula izinsukwana uDubula wabuye wazehlisa, waxolisa kuMavava, wathi ubengazi ukuthi ukhuluma nomuntu onjani.
Yize ebevame ukugxeka uKing Bhaka, encoma uKhehlelezi kodwa ngeSonto, uthuse abantu abaningi esetusa ubunsizwa bukaKing Bhaka futhi ubesegqugquzela abantu ukuba baye emcimbini wakhe eKing Bhaka Dam eNgilanyoni, ngoDisemba 21.
Ubulawa nje, ubephansi phezulu egqugquzela abalandeli bomculo kamaskandi ukuba bavotele ingoma kaMthandeni SK kwiNgoma Ehlukanisa Unyaka oKhozini.
UMgube ube esenxusa wonke umuntu ukuba acophelele uma ephawula ezinkundleni zokuxhumana.
"Asizameni indlela esenza ngayo nesiziphatha ngayo, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana. Angisho-ke ukuthi senginolwazi yini ukuthi mhlawumbe le nsizwa isishiya ngokuzuma okungaka nje kungenxa yazo izinkundla zokuxhumana. Ngiyafisa ke-sithi ukunciphisa, sithi ukwehlisa izinga ekuhlaseleni abantu ezintweni abazenzayo, mhlawumbe ezibaphilisayo. Nasekukhulumeni nje amagama alumelayo, anenhlabathi asinciphise."
Omunye webebekhuluma kakhulu kwiTikTok, uthe ubengazi ukuthi sekuyaliwa ezinkundleni zokuxhumana, ngakho useyahoxa.
Akukhona okokuqala kubulawa umlandeli kamaskandi. Kwadlula abaningi ngenxa yokungcofana komaskanda abangasekho, uMgqumeni "Idlamanzi" Khumalo noMtshengiseni "Indidane" Gcwensa. Akugcinanga lapho kodwa kwabuye kwadutshulwa kwafa abalandeli ababili kwiNqoboka Maskandi Festival eyayiseCurries Fountain Stadium, eThekwini.
Okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uColonel Mavela Masondo, uthe usazoqinisekisa kozakwabo ngalesi sigameko bese ebuyela entathelini kodwa kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela engakabuyeli.
Related Topics: