UMPHATHISWA wezokuhlaliswa kwabantu ubeke eqhulwini ukutholela umndeni wakwaMkhwanazi indlu
Image: Sithunyelwe
wezokuThutha nokuHlaliswa kwabantu KwaZulu-Natal uMnuz Sboniso Duma uthi umndeni wakwaMkhwanazi udinga ukwakhelwa indlu.
UNdabezinhle Sibiya okhulumela lo mnyango usho lokhu njengoba kuzoqala inkonzo yomngcwabo yamakholwa aphangalala ngesikhathi iveni ezincane abebehamba ngalo lingenya yiloli ngemuva.
Uthe baxhumane kakhulu nomndeni wakwaMkhwanazi, okudlule kuwo umama wekhaya, uNksz Winnie Mkhwanazi, njengoba izingane seziphenduke izintandane.
"Umndeni wakwaMkhwanazi udinga ukutholelwa indlu ngoba kubonakele ukuthi indlu ayikho umndeni uhlala endlini yodaka," kusho yena.
Umngcwabo ohlanganyelwe obanjelwe esikoleni iSilethukukhanya High School endaweni yaseKhula, eMtubatuba, uzoqhubeka ngaphandle kwalo mndeni okhethe ukuba nenkonzo yawo wodwa ekhaya KwaNongoma.
USibiya ubuye waveza ukuthi imindeni kanjani namaphoyisa omgwaqo ayesevenza endaweni yengozi bazotholelwa usizo lokwelashwa kwengqondo.