Izindaba

UDuduzane Zuma usephumele obala ngesobumengameli

Intatheli YeSolezwe|Published

INDODANA yowayengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma, uMnuz Duduzane Zuma, isiphumele obala ngokuthi izimisele ukuhola izwe uma kuyisifiso sabantu bakuleli leso.

INDODANA yowayengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma, uMnuz Duduzane Zuma, isiphumele obala ngokuthi izimisele ukuhola izwe uma kuyisifiso sabantu bakuleli leso.

Muva nje uZuma uyazisondeza kwezepolitiki, ngaphezu kwalokho useqalile nokuzazisa kubantu ngokuba nezingxoxo ezikhethekile nabezindaba.

Leli thuba aliseqanga nathi njengoba uZuma ehlangane nezintatheli ze-Independent Media ngoMsombuluko, lapho azivumele khona ukuthi zimbuze noma yini.

Ebuzwa ukuthi ngabe usengenile yini kwezombusazwe uthe: “Yebo, angikungabazi lokho. Ngizobe ngigaqale esokuhola izwe ngo-2024. Noma ngabe yisiphi isikhundla abantu abangifuna kuso, ngizosithatha. Uma bethi angibe wumengameli ngizolalela.”

Kulo mhlangano uZuma ubephelezelwa abangani bakhe bazo zonke izinhlanga. Uthe uhlose ukubumba izinhlanga zakuleli ukuze ukhule umnotho waseNingizimu Afrika.

“Kumele siqale ngomnotho. Kumele siwukhulise kodwa asikwazi ukukwenza lokho singabambisene. Kuzosidinga sonke ukuthuthukiswa komnotho. Lolo bumbano kumele luholwe phambili yintsha. Akusamele kube khona izingxoxo ngabantu abasha ingekho intsha. Ukwakha lelizwe akukwazi ukuthi kube wumsebenzi wabamhlophe noma abamnyama. Kumele sibambisane,” kusho uZuma.

UZuma ukuchithile ukuthi ukungena kwakhe kwezepolitiki ngamaqhinga kayise okuqhubeka nokuba namandla kuhulumeni wakuleli.

Okwamanje akukacaci ukuthi uZuma uzongenela ukhetho ngokujoyina inhlangano, ukusungula eyakhe inhlangano noma uzongenela ukhetho ezimele.

Ebuzwa ngobudlelwano bakhe nabomndeni wakwaGupta osolwa ngenkohlakalo, uthe akesekho ebhizinisini nabo.

“Awusekho umsebenzi engiwenza nabakwaGupta. Bakwenza kwanzima ukuthi ngiqhubeke namabhizinisi ami eNingizimu Afrika. Kungani abantu benza sengathi ngahamba ngithanda kuleli? Kwakudingeka ukuthi ngiqale impilo kabusha kwenye indawo. Le mali okuthiwa bayikhwabanisa, ngakhwabanisa malini mina? Kungani izinkantolo zingakangigwebi ngamacala okweba? Uma kukhona abazi ngemali eyebiwe kungani bengakubiki emaphoyiseni?”

UZuma uqhube waveza ukuthi esinye isifiso sakhe ukulungisa indaba yabantu bokufika kuleli nokuqeda ukuhlaselwa kwabo kuleli.

“Kumele sibe nezinhlaka zikahulumeni ezizoqinisekisa ukuthi wonke umuntu ongena kuleli ungena ngokomthetho.”