INDODANA yowayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, uDuduzane ithi ubizo lokuba wumholi wezepolitiki luvutha ngaphakathi kuyo futhi iyehluleka ukuluziba ngoba izalwe kuyona ipolitiki.
Isolezwe ngeSonto lisebenze kanzima ukuthola ingxoxo ekhethekile noDuduzane, lagcina likwazile ukuxoxa naye eseDubai, ngohlelo lwezobuchwepheshe, iZoom.
Obekudala ubunzima wukugejana kwezikhathi esakuleli nesaseDubai futhi uDuduzane ubebika ukuba matasa emabhizinisini akhe.
Uqale wathi ucela ingxoxo ibe ngehora lesithupha ntambama kodwa wabuya washintsha wathi ucela ibe ngelesishiyagalombili ebusuku. Uqale waxolisa ngobuhixihixi, wathi uyajabula ukuthi igcine iphumelele ingxoxo. Ingxoxo ekhethekile ibingoLwesithathu, uDuduzane ubebukeka ezipholele nje engaxwaye lutho. Uvele ehleli endaweni ebonakalayo ukuthi isezingeni eliphezulu. Ezalwa , abazali bakhe bebeseMaputo, eMozambique. Unina nguKate Mantsho, ongasekho emhlabeni. Ufunde eSacred Heart College eGoli nase-University of Pretoria. Ugcagcelwe wumkakhe uSharnice Stork ngo-2015, bahlala naye eDubai.
Engxoxweni uDuduzane ubebuye ashaye amancoko ahleke kodwa aphendule yonke imibuzo ngesineke, ekhombisa ubungani. UDuduzane, oyiwele nodadewabo uDuduzile, uthe njengoba eseDubai nje uzotheleka maduze kuleli ngoba kukhona asafuna ukuzokulungisa.
Udaba lokuqala angene kulona yimibiko ethi ufuna ukungena kwezepolitiki abe ngumholi ezingeni eliphezulu.
“Kwakungelona ihlaya lelo. Ngeke ngidlale ngento ebucayi kanjalo. Ngo-2024 ngiyobe ngisemaphepheni okuvota ngoba sesifikile isikhathi sokuthi ngibambe iqhaza ekushintsheni izinto eziningi ezweni lethu. Ngizalwa kuso isikole sepolitiki. Bengizithola ngifunda ngayo, ngithanda noma ngingathandi. I-ANC ngiyayithanda kakhulu. Ngiyakholelwa kuyona kodwa kuningi okumele kushintshe ngendlela okwenzeka ngayo izinto,’’ kusho uDuduzane ngelipholile izwi. Uthinte indaba yobudlelwano noyise, wathi umthatha njengeqhawe lakhe futhi usencele okuningi kuyena, okumsizile naye ukubhekana nempilo. Uthe usondelene kakhulu noyise, bahlala bexoxa bashaye ngisho amancoko.
“Okokuqala nje ngifunde ukubekezela ngoba izinto kazenzeki ngendlela umuntu afisa ngayo. Kayikho indlela enqamulelayo. Okwesibili, wukuphikelela uqinisele kunzima ngoba uma ubuka nje zaqala kudala ukumnetha namanje zisamnetha kodwa usamile. Ngihlala ngithi uma esehamba emhlabeni kofanele angcwatshwe nomkhonto nehawu ngoba uyiqhawe. Uchaze nangezidlakela zabaqaphi ahlala ehamba nazo, wathi kufanele wonke umuntu azibheke ezokuphepha, kuningi osekwenzeke empilweni yakhe okumenza angabe esazi ukuthi yikuphi okungase kumehlele. Kodwa ucacisile ukuthi akaze azizwe engaphephile.
– Isolezwe NgeSonto