UPHUME phambili ecaleni lokubulala ngokungenhloso abebhekene nalo uMnuz Duduzane Zuma ozalwa obengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma.
UDuduzane ubehamba leli cala elisukela engozini yemoto angene kuyo ngo-2014 lapho kwashona khona uPhumzile Dube odabuka eZimbabwe. Nksz Dube washona endaweni yesigameko ngemuva kokuthi imoto kaDuduzane, iPorsche, iphaphalaze yashayisa itekisi ku-M1 eGoli. Omunye wesifazane, uNksz Nanke Mashaba, owayekade ekulelo tekisi, washonela esibhedlela. Ekuqaleni kwecala uZuma wayebekwe amacala amabili okubulala ngokungenhloso kodwa lahoxiswa elikaMashaba ngemuva kokuvela ukuthi ukushona kwakhe kwakungahlangene nengozi.
IMantshi uMnuz Tebogo Thupaatlase waseNkantolo eRandburg ngesikhathi inquma kuleli cala ngoLwesihlanu ithe omunye ufakazi owayekhona endaweni yesigameko wakhombisa ukuba buthaka engayiphenduli imibuzo kahle.
Ngesikhathi kusaqhubeka icala ummeli kaDuduzane, uMnuz Mike Hellens washwelezela umsolwa ethi wazithola ephosa imoto edamini lamanzi ngoba yayina imvula nokuyikho okwamphazamisa. Kwaphoqeleka ukuba azame ukulawula imoto kodwa yagcina ishayise itekisi ngephutha.
UDuduzane ngesikhathi ekhishwa phambili enkantolo ubephelezelwa wuyise oselokhu waqala kudala ukumeseka uma ezovela enkantolo.
Kuzokhumbuleka ukuthi uPhiko lwezokuShushisa kuleli iNational Prosecuting Authority (NPA), yaba nongabazane ngokushushiswa kukaDuduzane ngo-2015, yabeka isizathu sokuthi mancane amathuba okuthi lolu daba lungaphumelela enkantolo.
Ekuqaleni kwalo nyaka, lolu daba luphinde lwaqubuka ngemuva kokuthi owayenguMshushisi weNPA uGerrie Nel ne-AfriForum besabise ngokuthi bazozishushisela bona ngokwabo uDuduzane.
- African News Agency