SICHITHIWE isicelo sowayengusihlalo webhodi lakwaSAA, uNkk Dudu Myeni, sokuba ahoxise lokho azivumela khona ngoJuni 2017, ukuthi wathi le nkampani yaqoka i-BNP Capital, yize babengenayo ilayisensi yokuthola umsebenzi.
Ijaji Ronel Tolmay, eNkantolo yaseNorth Gauteng, izolo lithe uNkk Myeni wahluleka ukunikeza isizathu sokuthi kungani afuna kuhoxiswe isitatimende sakhe lapho azivumela khona kulolu daba.
Ijaji Tolmay lithe: “Ngeke ngisivume lesi sicelo.”
Ijaji liphinde lanqaba isicelo sakhe sokuba abanye babaqondisi bafakwe ecaleni.
Oyinhloko yezomthetho enkampanini elwa nenkohlakalo i-Organisation Undoing Tax Abuse (Outa), u-Advocate Stefanie Fick, uthe sibajabulisile lesi sinqumo manje sebezilungiselela ukuba bahlangane enkantolo noNkk Myeni ngo-2020.
I-Outa ifuna uNkk Myeni inkantolo inqume ukuthi wayengumphathi owahluleka ukwenza umsebenzi eSAA futhi angaphinde aqokelwe esikhundleni esiphezulu ngenxa yokungakwazi ukwenza umsebenzi ngendlela.