USATHUTHUMELA owesifazane odlwengulwe amadoda amathathu eshintshisana ngaye aze amgxisha ugwayi uvutha emlonyeni wabhajwa emankankeni.
Owesifazane oneminyaka engu-25 waseZimangweni eNanda, wehlelwe yilesi sigameko ebuya emsebenzini ebusuku ngasekuqaleni kwesonto.
Uthi ubebuya lapho esebenza khona esitolo sokudla esisedolobheni eThekwini, ehla ebhasini ngesikhathi egconwa abafana abathathu bembuza ukuthi uphuma endodeni yini njengoba ehamba ebusuku kangaka.
“Ngaqhubeka ngazihambela ngangabanaka, bangibamba bathi angikhiphe imali ngayilandula imali. Kubadalele ulaka lokho, omunye wakhipha isibhamu, ngagcina sengikhwathaza imali yokugibela kwaphuma uR52 ngabanika wona.’’
Uveze ukuthi baqhubeka bamethuka bebuza ukuthi bazokwenzani ngale mali bebathathu, baqala bamhudula bemhlukumeza bemchapha ngenhlamba.
Uthi bahambe naye behamba bebamba inkunzi baze bakhuthuza nezithandani abazithola zipepenyeka emgwaqweni. Kuthiwa bazithuka izithandani baziphuca impahla yazo. Bafike ezindlini eziyimihhume yabaphangi ezingahlali muntu bamvalela phakathi.
“Bangikhumule ibhulukwe baqala bangidlwengula bonke, ngakhala ngimemeza bavele balayitha ugwayi bawuphosa emlonyeni ngacishe ngawugwinya uvutha. Kwaba buhlungu ngoba wawungishisa ugwayi bengenalo uzwelo bengishaya.”
Ubonga ukuthi usaphila njengoba baphuma emnyango bathi kungcono bambulale ngoba angase abakhombe. Bathi bazohamba beyomhenga kude noma etholakala kuyoba sengathi uzilengisile.
Uthi ngesikhathi bezama ukuyombulala, uphunyukile endleleni ebona enye imoto imi ngasendaweni yokucima ukoma.
Uthi ubaleke wayongena kuyona le moto bamyeka babaleka wathola usizo.
Umgilwa ubesahamba odokotela elulekwa nangokomqondo emuva kwesigameko.
Isolezwe ngeSonto ngesikhathi livakashele indawo yesigameko, lifice izindlu ezingakhiywa okuthiwa kuhlala kuzo izigilamkhuba.
Kunombhede nesihlalo nebhantshi eligaxiwe.
Leli phephandaba liphinde lahosha ukuthi ukhona omunye wesifazane osanda kugilwa esifanayo ebhuntshile imizamo yokumthola.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele, uthi amaphoyisa amatasa ayaluphenya lolu daba.