KULINDELEKE ukuthi abuyele enkantolo namhlanje owesilisa osolwa ngokudlwengula udadewabo oneminyaka eyisishiyagalolunye namadodakazi abafowabo amabili ebakhokhisa ngokubadlalisa imidlalo kwiselula yakhe.
Umsolwa owumfundi oneminyaka ewu-19 ofunda uGrade 11 esikoleni esiseNkandla, kuthiwa uconsisele udadewabo omncane ngamafutha okupheka esithweni sangasese ukuze akwazi ukumdlwengula.
Kuthiwa ubemyenga ngokuthi amdlalise imidlalo ekwiselula yakhe, bese ethi akakhokhe ngokuthi avume amgile lo mkhuba.
Amanye amantombazane amabili asolwa ngokuwadlwengula aneminyaka ewu-11 no-13.
Umzali wenye yala mantombazane utshele leli phephandaba ukuthi isimo simuncu ekhaya njengoba umsolwa kuyingane yomndeni futhi enukubeze izingane zasemndenini.
Uthe lezi zingane sisesimeni esingesihle njengoba zingasafuni nokuya esikoleni.
Kuvela ukuthi umsolwa ubenesikhathi sonke sokugila le mikhuba njengoba lezi zingane zonke bezihlala nogogo, amanye amalungu omndeni ayasebenza futhi asebenza kude nekhaya.
“Ngiqale ukuqaphela ukuthi kukhona okushaya amanzi ngenkathi ingane yami ingivakashele. Ibinuka iphunga elixakile okungathi elomuntu omdala osewake walala nomuntu wesilisa,” kuchaza unina.
Uthe ngenkathi eyibuza indodakazi ukuthi seyake yalala yini nomuntu wesilisa, iqale yaphika kodwa ngokuyihlohla imibuzo nangokuthi ayihlole isitho sayo sangasese, wathola okumjabhisile.
“Ngiyibuzile ukuthi ngubani obelala nayo, yathi uyise omncane. Ngiyiyise emaphoyiseni, angiphelezela saya kwadokotela wakuqinisekisa ukuthi idlwenguliwe,” kusho unina.
Uthe zonke izingane okusolwa ukuthi bezigilwa wumsolwa, zihloliwe wodokotela kwase kuboshwa leli bhungu lomndeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kunecala eliphenywa ngamaphoyisa aseShowe.
“Kuboshwe umsolwa (19) wabekwa icala lokudlwengula,” kusho uCaptain Gwala.
Uthe ngesonto eledlule umsolwa uvelile enkantolo, wenqatshelwa ibheyili. Kulindeleke ukuthi aphinde abuye kule nkantolo ngoLwesibili (namhlanje).
UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uthembise ukungenelela kulolu daba oluchaze njengoluhlasimulisayo.
Okhulumela lo mnyango, uMnuz Mhlaba Memela, uthe abafuna ukuqala bakuthole wukuthi kwenzeka kanjani ukuthi izingane zihlale nogogo abazali bekhona?
Uthe okubalulekile wukuthi uma sebeluphothulile uphenyo, yilona oluzosho ukuthi kumele yini abantwana laba bathathwe bayohlaliswa ezindaweni eziphephile ukuze banakekelwe ngendlela efanele?