NKOSIKHONA CELE
ASAMANGELE futhi ayathuthumela amalungu omphakathi waseSonyongwe, phambili kwaseMzimkhulu, ngesenzo sowesilisa obhadame intombi yakhe isocansini nomakhwapheni wavele wayigwaza yathula, maqede wabasa umlilo wase eyishutheka isikhuni esithweni sayo sangasese. Wabasela i-ayina, wayishisa inkomo maqede wayihudula wayoyilahla eweni.
UMnuz Mvelo Makhanya (26) kuthiwa ubeseneminyaka ethandana nomufi uNksz Zimbili Nyibe (21), ogcine embulala ngalesi sihluku. Kuthiwa uMvelo unengwe wukubhadama intombi yakhe izitika ngocansi nomfana wasendaweni uMnuz Sanele Jaca, okuthiwa uphume wabaleka emapunapuna ngesikhathi behlaselwa nguMakhanya.
Isolezwe NgoMgqibelo lithole ukuthi uMakhanya ubemenza ibhola lakhe uNksz Nyibe ngoba ubemhlukumeza ngokumshaya mihla namalanga. Kuthiwa kukaningi uuNksz Nyibe evulela isoka lakhe amacala okushaya kodwa uMakhanya axolise nayo intombi imxolele maqede isule amacala nempilo iqhubeke kube sengathi akukaze kwenzeke lutho.
UMakhanya ubhadame intombi yakhe isembhedeni ngemuva kokuba elunywe indlebe ngomunye wasendaweni. Kuthiwa akazange apholise maseko ube esenikela khona kwaJaca, lapho obekulele khona intombi yakhe.
Ngemuva kwalesi sigameko, kuthiwa uMakhanya usihudule kabuhlungu isidumbu sikaZimbili sinqunu sinjalo, wahamba naso wayosiphonsa endaweni ewumsele naye wangena kuwona.
Amalungu omphakathi abesho ukumudla luhlaza uMakhanya kuthiwa amane adikabala ngemuva kokuba ewatshele ukuthi “awambulale vele ayisekho into ayiphilelayo ngemuva kokugilwa yithemba lakhe ebeliletha ukukhanya empilweni yakhe” esho uZimbili.
UMnuz Mondli Phoswa, oyilungu lomphakathi elibhekelele izinto eziningi kule ndawo, uzwakalise ukukhathazeka kwakhe ngesehlo.
“Sonke sisamangele kakhulu ngale ndaba. Ukukhuluma iqiniso nje bobabili bebephila ngokuklwebhana mihla namalanga. Kodwa akekho obebanaka ngoba sonke besazi ukuthi baxabana namhlanje, kusasa baphinde bazwane,’’ kusho uPhoswa.
Elinye ilungu lomphakathi nelingusomabhizinisi uMnuz Thimothy Maduna, lithi lesi sigameko sibamangazile kakhulu. UMaduna uveze ukuthi ngemuva kokuba uMakhanya esenze lesi sigameko ufike kuyena wamazisa ukuthi usebulale umuntu ngephutha.
“Ngesikhathi engitshela lento bengizitshela ukuthi uyadlala kanti uqinisile. Yimi obize amaphoyisa afika ambopha,’’ kuchaza uMaduna.
Umndeni wakwaNyibe awuholakalanga ukuba uphawule ngodaba. Kodwa Isolezwe NgoMgqibelo lithole ukuthi lo mndeni ugqemeke engeqiwa ntwala ngokudlula emhlabeni kwelungu lawo ngesihluku esinjena nesimo kuwona kuthiwa simuncu kakhulu.
Umufi kuthiwa ubengumuntu obezifela ngobumnandi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uCaptain Nqobile Gwala usiqinisekisile isigameko. Uveze ukuthi umsolwa zimkhalele ngosuku agile ngalo umkhuba. Uthi bathole ukuthi umsolwa ugwaze wabulala intombi yakhe.
"Kusolakala ukuthi owesilisa wabulala intombi yakhe ngokuyigwaza kabuhlungu emqaleni. Yafa ngaleso sikhathi. Lesi sigameko senzeka emini,“ kuchaza uCaptain Gwala.