UDlamini Zuma ukhuza amakhansela anezinhliziyo ezingaphandle: David Ritchie/ANA
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, ufuna kuqedwe ubudlelwane obukhohlakele phakathi kwamakhansela anezinhliziyo ezingaphandle nosomabhizinisi abangogombela kwesabo.
UDkt Dlamini Zuma uthe lobu budlelwane buyimbangela yokubhacaza komasipala abaningi ezweni.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma embuthanweni wokubhunga ngesimo somasipala, izolo, eThekwini.
Kule ngqungquthela kubhungwe ngezinkinga ezibhekene nomasipala baKwaZulu-Natal, kwaphinde kwenziwa iziphakamiso.
UDkt Dlamini Zuma uzwakalise ukukhathazeka ngobudlelwane obuphakathi kwamakhansela nosomabhizinisi. Uthe buphazamisa ukusebenza kwemikhandlu nokuhanjiswa kwezidingo.
UDkt Dlamini Zuma uthe izinkinga eziningi komasipala zidalwa ngukugxambukela kwamakhansela nosomabhizini ekulawulweni kwemikhandlu.
“Amakhansela afuna ukufaka izandla ezindabeni zokulawulwa komkhandlu kanjalo nosomabhizinisi nabo bafuna ukufaka izandla. Kugcina sekuyingxubevange, ungasazi ukuthi kwenzekani. Umkhandlu ugcina ungasakwazi ukusebenza. Kugcina sekuyinhlakanhlaka, ungasakwazi nokuhlukanisa phakathi kwabasebenzi bomkhandlu kanye namakhansela.
“Ukungaphathwa kahle kwemali yomkhandlu kuholela ekutheni izidingo zigcine zingasayi kubantu. Sigcina sesikhohlwa abantu okuyibona ababalulekile. Kugcina kuba inhlakanhlaka komasipala.”
UDkt Dlamini Zuma uthe ukuqashwa kwabasebenzi abangawufanele umsebenzi nakho kunomthelela ekutheni omasipala bagcine bengenzi kahle.
“Siqasha abantu abathandwa yithina ukuba baphathe omasipala, sishiye abantu abawufanele umsebenzi. Kwesinye isikhathi kuze kume ukuqashwa kwezikhulu zomasipala ngenxa yokuthi siyabanga ukuthi ngubani okufanele aqashwe, olunye uhlangothi lufuna lo, olunye lufuna omunye.
“Lokhu kwenza ukuthi kugcine kuqashwe abantu abangawufanele umsebenzi, abazohluleka ukusebenza. Sekuyisikhathi sokuthi omasipala baqale ukuqasha abantu abawufanele umsebenzi.”
UNdunankulu Sihle Zikalala waKwaZulu-Natal uthe omasipala kufanele babhukule.UZikalala uthe kufanele bathathelwe izinyathelo abasebenzi bemikhandlu abahluleka ukwenza imisebenzi.
“Kukhona omasipala abathola imibiko engemihle kumcwaningi mabhuku kepha akekho umuntu othathelwa izinyathelo. Umcwaningi mabhuku uhlezi ekhala ngokungathathelwa izinyathelo kwabasebenzi abangawenzi umsebenzi.
“Ukungathathelwa izinyathelo kwabasebenzi abangawenzi umsebenzi kwenza kubukeke sengathi yinhle le nto abayenzayo. Sesifikile isikhathi sokuthi baqondiswe ubugwegwe abantu abangawenzi umsebenzi.”
UZikalala uthe bonke omasipala kufanele basebenzele ukuthola imibiko engenagcobho kumcwaningi mabhuku, wathi izimenenja zomasipala abahlulekayo ukuthola imibiko engenagcobho kufanele zishiye ezikhundleni.
“Izimenenja zisithathaphi isibindi sokubuyela emsebenzini emva kokuthola imibiko ebhedayo kumcwaningi mabhuku?”