SABELO NSELE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, usegxeke kakhulu inkohlakalo phakathi kosopolitiki, izikhulu zomasipala nosomabhizinisi athe yiyo edala ukuthi iningi lomasipala lihluleke ukuletha izidingo.
Ekhuluma emhlanganweni wokugubha isonto lomasipala, ubeke isithombe esingesihle ngesimo senqwaba yomasipala bakuleli njengoba ethe abangu-125 abakwazi ukuzimela ngakwezezimali.
Umgubho uhlelwe wumkhandlu wezifundazwe nenhlangano yohulumeni basekhaya iSA Local Government Association.
UDkt Dlamini Zuma uthe enye yezinkinga ezibhekene nomasipala ukungaqashi ezikhundleni ezibalulekile nokuqasha ngokwenzelela.
“Komasipala abaningi uthola ukuthi umasipala uhlala isikhathi eside ingekho imenenja kamasipala nomphathi wezezimali. Uzothola ukuthi ngesikhathi sebeqasha kulezo zikhala, kuqashwa abantu abangafanele ngenxa yokwenzelela kugcine kuqashwe abangani balabo abasezikhundleni. Lokho kugcina ngokuthi omasipala begcine behluleka ukuletha izidingo kubantu okugcina kwenze izakhamuzi zizwakalise ukunganeliseke. Lokhu kwenza izakhamuzi zilahlekelwe ithemba kuhulumeni.”
UDkt Dlamini Zuma uveze ukuthi omasipala abaningi bazoqhubeka nokuthwala kanzima njengoba izakhamuzi ziqhubeka nokuhluleka ukukhokhela izidingo njengoba iCorona ibe nomthelela ongemuhle emnothweni.
“Ekupheleni konyaka mali womasipala, izakhamuzi bezikweleta omasipala uR127.7billion. Isiyonke imali ebikweletwa omasipala ngalesi sikhathi ibinguR181.3 billion. UR28.9 billion ukweletwa osomabhizinisi kanti uR18.1 billion ukweletwa yiminyango kahulumeni,” kusho uDkt Dlamini Zuma.
NgokukaDkt Dlamini Zuma, omasipala banezikweletu ezinguR53 billion. Bakweleta inkampani ephehla ugesi i-Eskom uR11.3 billion.
“Ukungaphathwa kahle kwemali kuyaqhubeka komasipala bethu. Umbiko womcwaningi mabhuku ukhombisa ukuthi u-43% womasipala wathola imibiko enechashazi. Sibonile futhi nangesikhathi seCorona, omasipala abaningi behluleka ukuphatha izinsiza zokulwa negciwane, okwenze bagcine bekhokhela izimpahla zokuzivikela ngenani eliphindwe kahlanu kwelejwayelekile.”
Uthe uhlelo lukahulumeni lokuthuthukiswa kwezifunda, luzoxazulula izinkinga ezibhekene nomasipala.
“Uhlelo luzokwenza kube lula ukuxhumana komasipala, uhulumeni wesifundazwe nohulumeni kazwelonke.
“Uhlelo luvele seluqalile eThekwini, kuMasipala i-OR Tambo e-Eastern Cape naseWaterberg eLimpopo.”