UZOBUYELA enkantolo ngoMeyi 7 umculi wowokholo uDkt Tumi nomkakhe kulandela ukudedelwa ngebheyili enkantolo yamacala ezimali ePalm Ridge, eGoli, ngoLwesibili ecaleni lokukhwabanisa.
UDkt Tumisang Victor Makweya (39), odume ngelikaDkt Tumi emculweni, nomkakhe uKgaogelo Sara Makweya (36) bavele enkantolo ngemuva kokuzinikela emahhovisi oKlebe eGoli bephelezelwa abameli babo, babekwa icala lokukhwabanisa uR1.5 million kwiNational Lotteries Board (NLB).
Laba bashadikazi basolwa ngokubhala imininingwane engelona iqiniso ngesikhathi befaka isicelo soxhaso kwiNLB ukuze inkampani engenzi nzuzo, abangamalungu ekomiti layo, ihlomule ngezizumbulu ngo-2018.
Okhulumela oKlebe eGauteng uCaptain Ndivhuwo Mulamu uthe kusolwa ukuthi R760 000 wale mali waya kuDkt Tumi nomkakhe.
Asolwa nabo kulo mshikashika uChristopher Tshivule noThomas Ndadza kuthiwa baphume ngebheyili kaR5000 umuntu ngamunye.