UDINGISIWE endaweni owesifazane osolwa ngokuqoma aze aquleke endaweni.
Lo wesifazane (43), esingeke siligagule igama lakhe ukuvikela izingane, unezingane ezinhlanu nomfundisi oyinduna yenkosi, usolwa nangokudla silaza adle fumuka.
Ubebikele leli phephandaba ukuthi udingisiwe endaweni ngoba ale induna, kodwa le nduna nomphakathi wonkana, bakhulume ngazwi linye bathi lo wesifazane ubesekhathazile endaweni.
Kuthiwa uqoma amadoda anabafazi, namabhoxongwane.
Kuvela ukuthi inkosi imdingisa nje yingoba isibona ukuthi kuzogcina kuxabene ubendle esizweni, njengoba sekuke kwaba khona ukulwa ngalo wesifazane izikhathi eziningi endaweni.
“Sengimbambe oqotsheni kathathu namadoda ahlukene,” kusho induna. Ithe kwesinye seziwombe kwadingeka ukuthi ihlasele kweminye yemizi endaweni lapho unina wezingane zakhe ayelele khona neshende.
“Ngangihamba nezinye izinduna zakwenye inkosi nengxenye yomndeni wakhe ngoba ngangifuna babe ofakazi,” kuchaza induna.
Ithe ishende lasindiswa wukuthi lizishwelezele ngokuthi lo wesifazane wathi akasenandoda, kade yazishonela.
Uthe kuyimanje unina wezingane zakhe unengane yelinye ishende ayithole bebe besahlala ndawonye.
Nalo wesifazane uyavuma ukuthi ngempela unayo le ngane okungeyona eyenduna.
“Kuyiqiniso ukuthi nginengane yangaphandle, kodwa vele naye akanendaba nami.
"Ngajoliswa wukuthi akazondli izingane futhi unomunye unkosikazi,” kusho lo wesifazane.
Induna ithi, unina wezingane zakhe ayikaze imhlukumeze, kuphela ungumuntu othanda amadoda kuze kweqe.
“Ngikhethe ukuthi ngimbike enkosini, ngingamenzi lutho olunye."
Uthe unina wezingane zakhe usindele nokuthi ungumfundisi uyasonta.
“Bengifuna abantu babone ukuthi uyena onephutha, yingakho kungekho okunye okubi engikwenze kuyena phezu kokuthi engigile wabukisa ngami ngalolu hlobo,” kusho induna.
Lo wesifazane uyaluvuma nohide lwamadoda. Kodwa ugcizelela ngokuthi konke abekwenza kungenxa yokudinwa yile nduna engazinaki izingane.
Okumenza ukuthi inhliziyo yakhe iqaqambe lona wesifazane, uthe yingoba umuzi axoshwe kade ehlala kuwo, wazakhela yena ngezikhwepha zakhe, induna ayikhiphanga ngisho isenti leli.
Uthe ibimxhaphaza nje kuphela ngoba inomunye unkosikazi wesibili endaweni.
Kuyimanje owesifazane lona uthe wehla enyuka nezivimbelo zenkantolo ngoba ufuna kwenzeke ubulungiswa ngomuzi akhishwe kuwo.
Ufuna inkantolo imbuyisele kuwo.
Induna ivumile ukuthi inayo enye inkosikazi nezingane. Mayelana nokondla izingane, induna ithe izingane zayo ziyafika zithathe imali kuyo njengoba zihambe nonina, okuyinto ayiphikayo owesifazane.
Inkosi ayitholakalanga ukuba iphawule. Abesilisa abaficwe enkantolo yayo inkosi ngenkathi leli phephandaba lihambele khona, bathe bangumlomo wayo inkosi, ebizokusho vele ikuphathise bona.