UKelly Smith nesoka lakhe uJacquen Appollis nomngani wesoka uSteveno van Rhyn, bengena enkantolo ngaphambi kokuba bagwetshwe.
Image: Ayanda Ndamane
UKelly Smith okungumama kaJoshlin Smith, isoka lakhe uJacquen Appollis nomngani wesoka uSteveno Van Rhyn bagwetshwe udilikajele ngokushushumbisa ingane neminyaka engu-10 ngokuthumba.
Laba balahlwe amacala okuthumba nokushushumbisa ingane ngokuduka kukaJoshlin Smith owayeneminyaka eyisithupha ubudala. Le ngane yaduka ngoFebhruwari wangonyaka odlule (2024) iduka isekhaya kubo eMiddlepos.
NgoLwesithathu, umshushisi woMbuso, u-Advocate Zelda Swanepoel, uthi inkantolo kufanele icabangele ukuthi uJoshlin akakatholakali nokuthi bekunesu lokumdayisa.
"Asinaye, asazi ukuthi ukuphi. Asazi noma uyaphila noma cha. Sizothemba ukuthi usaphila. Kodwa ngabe uyaxhashazwa? Asazi. Yonke leyo imibuzo ayinazimpendulo, kunalokho yandisa ubuhlungu," kusho uSwanepoel.
Ijaji likhale ngesihluku salaba bathathu bebona umphakathi usukumela phezulu ukhathazekile ngokulahleka kwengane kodwa, bangaphumela obala ngokuthi kwenzakaleni. Lithi bebefika kule nkantolo bengabonakalisi ukuzisola ngaso sonke lesi simo.
"Mnuz Appollis ungubaba wengane yentombazane eneminyaka engu-11 futhi ubufana nobaba kuJoshlin," kusho ijaji likhala ngesihluku salaba bathathu ngaleli cala.