Izindaba

Udilikajele kowaklinya indodana yakhe

Nomonde Zondi|Published

Sfundo Sibisi owaklinywa wabulawa uyise

Image: Sigciniwe

UGIXATSHEZWE ngesigwebo sikadilakajele owesilisa owalahlwa yicala lokubulala indodana yakhe ngokuyiklinya ngentambo yesikhindi sayo. USandile Shezi kuvela ukuthi wabulala indodana yakhe esigamekweni esenzeka ngoJanuwari wango-2023, ePinetown.

INkantolo yesiFunda yasePinetown imgwebe udilakajele uShezi ngesenzo sakhe esichaze njengesinonya olukhulu.

Ngesikhathi leli cala lisesigabeni sokuqulwa kwahlaluka ukuthi uShezi ngemuva kokuba eseyibulele indodana yakhe wabe eseshayela ucingo uninawayo, uNksz Nonhlanhla Sibisi, embiza ukuba azothatha isidumbu sendodana yakhe. Kuthiwa wamtshela ukuthi kumele aphuthume ukuze isidumbu sendodana singeke size sidliwe yizilwane.

UMbuso ngomlomo woMshushisi uRowen Souls unxuse inkantolo ukube ingalenzi iphutha lokuba ichezuke kwisigwebo esibekiwe sikadilikajele ebantwini abasuke benze amacala alolu hlobo. USouls utshele inkantolo ukuthi kumele ukona kukaShezi ikubhekisise ngeso elibanzi.

Uthe okwenziwe ushezi kudweba isithombe esisobala sokuthi abantwana abaphephile kangakanani eNingizimu Afrika.

''Ngokujwayelekile abazali kumele kube umsebenzi wabo ukunakekela kanye nokuvikela abantwana babo. Kodwa uShezi yena wenze okuhlukile kunalokho,'' echazela inkantolo.

IMantshi uMuntukayise Khumalo ithe ikholwa ukuthi isimilo sikaShezi akulula ukuba singahlunyeleliswa. Ithe kunobufakazi obethulelwa inkantolo obuqinisekisa ukuthi umufi wabulawa ngokuklinywa ngentambo.

Unina kamufi uthe uyabonga ukuthola ubulungiswa ngokwenzeke enkantolo.