IGWETSHWE udilikajele indoda (53) eyadlwengula umzukulu wayo (12) iphindelela imsabisa ngokumbulala.
Le ndoda yaseNyembe Reserve, ePort Dunford, yadlwengula umzukulu wayo ngoJulayi eminyakeni emine edlule, ugogo wengane esemsebenzini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane uthe lo mlisa wasabisa umgilwa nomfowabo ngokubabulala uma kukhona abambikelayo.
“Lo mlisa uqhubeke nokudlwengula umzukulu wakhe ephindelela kusuka ngo-2014 kuya ku-2017 kwaze kwaba umgilwa ubikela uthisha wakhe nokuholele ekutheni kuvulwe icala lokudlwengula emaphoyiseni aseSikhaleni,” kusho uZwane.
Icala libe selidluliselwa ophikweni oluphenya amacala okuhlukunyezwa kwezingane nabantu besifazane Empangeni, iFamily Violence, Child Protection and Sexual Offences Unit nokuyilo olwaqhubeka nophenyo.
Uphenyo lwamaphoyisa luholele ekutheni agcine eboshiwe lo mlisa. Emuva kokuvela enkantolo izikhathi eziningi ube esegwetshwa udilikajele.
UZwane uthe banethemba lokuthi lesi sigwebo esinqala sizothumela umyalezo ocacile nakwabanye abasacabanga ukwenza okufanayo bese siphinde sigqamise ukuthi izingane zihlukunyezwa abantu abasondelene nazo.