UGWETSHWE udilikajele owesilisa waseShowe olahlwe ngecala lokudlwengula umshana owayeneminyaka engu-11 ngesikhathi sesigameko.
Umdlwenguli oneminyaka engu-44 igama lakhe eligodliwe, ugwetshwe yiNkantolo yeMantshi eShowe ngoLwesibili. Wadlwengula umshana ngo-2016 Emakhasaneni, eMelmoth. Umshana wayethunywe ukuthi ahambisele uninalume isidlo sakusihlwa. Uninalume wathatha ukudla maqede wabamba wamphonsa embhedeni wamdlwengula. Wamvezela ummese, wamsabisa ngokuthi uzombulala uma eke wamceba. Ngenxa yokwesaba kuthiwa umshana akatshelanga muntu kubo waze waphinda wadlwengulwa. Isigameko sesibili senzeka ngoFebhuwari wonyaka odlule. Umgilwa wabikela udadewabo kwavulwa icala eMelmoth.
UColonel Thembeka Mbele okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe idokodo ladluliselwa ophikweni oluphenya ngodlame lwemindeni, ezokuvikelwa kwezingane namacala ocansi.
Uthe umsolwa wanqatshelwa ibheyili, icala laqulwa waze wagwetshwa.
Kwesinye isigameko uSifiso Khuzwayo (46) waKwaNyamazane ugwetshwe udilikajele yiNkantolo yeMantshi eMgungundlovu ngecala lokudlwengula. Ubebhekene necala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-14 okuthiwa yayivakashele umngani wayo, wayithuma ugwayi. Isibuya wayikhiyela wayibopha izandla, wayivala nomlomo wayidlwengula.
Kuthiwa intombazane yabikela umakhelwane. UKhuzwayo ubeliphika icala.
UKhomishana wamaPhoyisa oBambile esifundazweni uMajor General Bheki Langa ukuncomile ukugwetshwa kwalaba besilisa.
“Abadlwenguli kumele babhadle ejele yingakho ngisijabulele isigwebo. Sizoba yisibonelo nakwabanye abadlwenguli. Sizoqhubeka siqinisekise ukuthi bayajeza yingakho sinophiko olubhekelele amacala okuhlukunyezwa,” kusho uLanga.