INKANTOLO yeMantshi yaseNkanyezi igwebe owesilisa oneminyaka engu-55, udilikajele mayelana necala lokudlwengula umfana oneminyaka engu-15, ongusbali wakhe.
Kuthiwa le ndoda nalo mfana babehleli endlini bebuka ithelevishini ngoJulayi 2016, amanye amalungu omndeni elele ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.
Ngakusasa kuthiwa le ndoda yabe isithatha lo mfana ngemoto yayo bazizulela ngayo ngenhloso yokukhombisa ukuthi iyazisola ngesenzo sayo, nokulapho kuthiwa yaphinde yadlwengula lo mfana yabe isiyamsabisa ithi angalinge atshele muntu ngokwenzekile.
Umfana wabe esevula icala lokudlwengulwa esiteshini samaphoyisa eMelmoth, icala labe selidluliselwa eShowe lapho kuphenywa khona amacala athinta udlame lwemindeni, awocansi nawokuvikelwa kwezingane.
Abaseshi babe sebeqala benza uphenyo nokwaholela ekutheni umdlwenguli aboshwe.
Lo mdlwenguli ubengaphandle ngebheyili kuze kuba icala lakhe liyaqulwa liyaqedwa.
Le ndoda ilahlwe amacala amabili okudlwengula yabe isigwetshwa udilikajele, neminyaka engu-15 ngaphezulu, kodwa lezi zigwebo kuthiwe zizohambisana.
Inkantolo iphinde yanquma ukuthi lo mdlwenguli akakulungele ukuphatha isibhamu.
Uzamile ukudlulisa icala nokuthi akhishwe ngebheyili kodwa isicelo sakhe sachithwa.
Lo mdlwenguli kuthiwa ushade nodadewabo womfana amdlwengula.