MBALI KHANYILE
USASHAQEKILE umphakathi waKwaMazambane ehostela laKwaMashu ngesigameko sokubulawa ngesihluku kwasomatekisi okubikwa ukuthi uhlaselwe ngamadoda angaziwa, abehlome eyizingovolo ngoLwesihlanu ntambama.
Kubikwa ukuthi lamadoda amane asoconge umufi obaziwa ngoZolunga (58) amfice epake ngemoto yakhe, iToyota Fortuner eduze kwasekhaya maqede adedela imvula yezinhlamvu.
Lo somatekisi oshonele endaweni yesigameko ngemuva kokudutshulwa ekhanda nasemzimbeni ubenamatekisi abehambela KwaMashu naseMpangeni.
Amaphoyisa aphuthume esigamekweni ngemuva kokuthola imibiko, kubikwa ukuthi afice amagobolondo ezinhlamvu esaphazeke phansi endaweni yesigameko.
Umthombo weSolezwe ngeSonto, uthe namanje umndeni usadidekile ngokubulawa kwalo somatekisi okungakaziwa imbangela yokubulawa kwakhe.
“Sifike endaweni okwenzeke kuyo isigameko isidumbu sisasemotweni ahlaselwe ehlezi kuyo umufi. Umndeni wakhe ophuthume emotweni uyoqalaza isimo ubuphithene amakhanda uzama nokuqoqa yonke into ebisemotweni kamufi,” kusho umthombo.
Kwenzeka lesi sigameko nje, kusabatshazwa isihluku okubulawe ngaso omunye usomatekisi, uMkheshane ( 53) osocongwe ngentululwane yezinhlamvu ngaseNkantolo yeMantshi ePinetown, edutshulwa abantu abangaziwa ngeledlule.
UMnuz Sfiso Mthethwa onguShlalo weSantaco eGreater North, uthe uwutholile umbiko ngokusocongwa kwasomatekisi waKwaMashu.
“Okwamanje angikho eThekwini ngakho-ke akulula ukuthi ngibe nalo lonke ulwazi ngokwenzekile. Sisazohlala phansi sibe nomhlangano namalungu kasoseshini,” kusho yena kafushane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, usiqinisekisile isigameko sokubulawa kowesilisa.
“Kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa KwaMashu. Imbangela yokubulawa kwasomatekisi ayikaziwa,” kubeka uCol Mbele.