IMPAHLA ishe yangqongqa esitolo esisePhoyinti ngesikhathi kusha ibhilidi izolo, okungaziwa ukuthi yini edale umlilo
IMPAHLA ishe yangqongqa esitolo esisePhoyinti ngesikhathi kusha ibhilidi izolo, okungaziwa ukuthi yini edale umlilo
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA
KUDUMA ikhanda kusomabhizinisi olahlekelwe yizo zonke izimpahla ngesikhathi kusha ibhilidi asebenzela kulo izolo.

Lo somabhizinisi uthe umonakalo owenzekile ubalelwa kuR200 000.

UMnuz Gracia Munguakohkwa ongumnikazi wendawo yokucwala izinwele iBenji’s Salon nesitolo samathelevishini nesamaselula, uthe usadidekile ukuthi udalwe yini umlilo kuleli bhilidi elisePhoyinti, eThekwini.

Leli bhilidi lixhumene nehhotela iLonsdale okuhlala kulo abafundi baseMangosuthu University of Technology.

Bekungekho muntu ebhilidini ngesikhathi kuqubuka lo mlilo.

Isolezwe lifice abasebenzi abaqashwe uMunguakohkwa bemi ngaphandle bemangele, abanye benikina amakhanda.

UMunguakohkwa utshele iphephandaba ukuthi uthole ucingo ngezithuba zabo-6 ekuseni etshelwa ukuthi kuyasha ebhilidini.

“Ngenhlanhla bekungakavulwa ezitolo, kungekho muntu ngaphakathi. Kushe yonke impahla ebiphakathi okubalwa namathelevishini namaselula adayiswayo. Ngisangene ikhanda ngoba anginawo ngisho umshwalense walezi zimpahla nesitolo,” kuchaza uMunguakohkwa.

Uthe ulahlekelwe kakhulu ebhizinisini njengoba bese kuphele iminyaka emhlanu esebenza kuleli bhilidi.

Uveze nokuthi akazi nokuthi bazokwenzenjani njengoba nabasebenzi abangu-13 sebephelelwe umsebenzi.

Ngesikhathi sokuloba izicishamlilo bese ziwugojele umlilo, sekusele umlotha, kuhenqwe nangezintambo ezikhombisa ukuthi yindawo yesigameko.

Isitezi esingenhla kuleli bhilidi lebhizinisi okukhona kuzo nendawo yokubeka utshwala azithintekanga.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-Colonel Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi bawutholile umbiko ngokusha kwebhilidi ngezithuba zabo-7 ekuseni.

Uthe asikaziwa isizathu esidale umlilo kodwa akulimalanga muntu kulesi sigameko.

UZwane uthe alivulwanga icala ngalesi sigameko.