ISEMATHENI indaba yeNational Health Insurance (NHI) okuthiwa kuhloswe ngayo ukwenza ngcono uhlelo lwezempilo eNingizimu Afrika. UKHETHA SANGWENI uxoxe noDkt Sibongiseni Dhlomo uSihlalo wekomiti lezeMpilo ePhalamende ngenhloso yokuchazela abantu abangazi ngalolu hlelo.
DOKOTELA awuchaze ukuthi yini iNHI le ewundabamlonyeni kulezi zinsuku?
SIKHULUMA ngohlelo oluzokwenza ngcono uhlelo lokulethwa kwezempilo kubantu bakuleli. Ezempilo zihlephula isixhanti esingu-9% emnothweni wethu wezwe kodwa imiphumela yezempilo ikhomba ukuthi kukhona okungahambi kahle. Siza nesisombululo enkingeni yabantu ukuze baphile isikhathi eside beyimiqemane. Lokhu kuchaza ukuthi abantu abangenayo imali bazokwelashwa ezibhedlela ezizimele ngoba nabo banelungelo lokuthola usizo olusezingeni.
IZOVELAPHI imali yokuxhasa lolu hlelo enikhuluma ngalo?
KUNEMALI efakwa wuhulumeni nezinkampani kubantu abasebenzisa usizo lwezempilo oluzimele. Leyo mali eyisibonelelelo iyona-ke ezosiza nabanye abantu abangenayo imali yokubonana nabezempilo abazimele. Kusho ukuthi abanemali bazobeletha labo abangenayo ukuze sonke silingane ngoba impilo yomuntu onemali ibalulekile njengempilo yomuntu ongenayo imali.
NIKE nayibona isebenza kuphi iNHI njengoba seniyifaka eNingizimu Afrika?
SILWENZILE ucwaningo lwethu olunzulu ngoba siyibonile eCuba, Britain nakwamanye amazwe abantu bakhona baphila isikhathi eside. Sesiqalile siyihlola KwaZulu-Natal ezifundeni uMgungundlovu, Amajuba naseMzinyathi. Sifuna ukwenza uhlelo lokuthi sisheshe sizinqande izifo singelaphi umuntu ngoba esegula. Abantu kufanele bazi ukuthi siza nohleo oluzobuyisa isithunzi sabo iphele indaba yokuthi kukhona ocebile noyisichaka uma kwelashwa abantu. Simi ngomumo ngayo yonke indlela ngoba odokotela siyabafaka ezindaweni zasemakhaya
IZOQALA nini ukusebenza iNHI njengoba kade nikhuluma ngayo sekuphele iminyaka?
UDkt Zweli Mkhize uNgqongqoshe wezeMpilo useyethulile phambi kweKhabhinethi, isiyadlula iya ePhalamende. isuka lapho kimi njengosihalo wekomiti nami ngiyendlale ekomitini lami. Sisuka lapho sesiyaphuma siyozwa imibono yabantu ezindaweni ezehlukene. Emuva kwalokho kushunqa uthuli
kuyasetshenzwa.