UKHATHAZEKILE umndeni kathishanhloko waKwaNongoma, okuboshwe umyeni wakhe ngokumhlukumeza, osuthole ukuthi udedeliwe ngesonto eledlule.
Umndeni kathishanhloko oneminyaka engu-37, uthe uzwe ngosizwile ukuthi umsolwa wavela eNkantolo yeMantshi KwaNongoma ngoLwesine, wabuye wadedelwa. Umsolwa, ongusomabhizinisi odumile endaweni, usolwa ngokubhaxa umkakhe ngodonkana, kwasala umndondo.
Okhulumela umndeni, elingeke lidalulwe igama lakhe, uthe basagxile ekubhekeni ukuthi uthishanhloko alulame. Uveze ukuthi kusekude ukuthi akwazi ukuzihambela ngendlela alimele ngayo, okumanje uhamba ngesihlalo esinamasondo.
“Ubefakwe ukhonkolo emlenzeni, osukhishiwe ukuze ahlinzwe. Kuthiwa uzofakwa izinsimbi emilenzeni yomibili futhi kusazothatha isikhathi ukuthi akwazi ukuzihambela,” kuchaza isihlobo.
Mayelana necala elivulelwe wumsolwa, uthe bamangele bezwa ukuthi usephumile. Uthe umndeni uphoxekile ngoba ubucabanga ukuthi umsolwa akumele ayithole ibheyili. Uthe abayanga enkantolo ngesonto eledlule ngoba akekho obatshelile. Uthe bezwe amahlebezi athi umsolwa uzophinda avele enkantolo namuhla. Ubonge ukwesekwa wuhulumeni wesifundazwe, ikakhulukazi uNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Nonhlanhla Khoza, othumele osonhlalakahle ukweluleka uthishanhloko.
“Konke njengamanje kusezandleni zamaphoyisa. Yize umsolwa ephumile kodwa siyathemba ukuthi kuzokwenzeka ubulungiswa,” kusho yena.
Umndeni uthe bese kunesikhathi eside umsolwa ehlukumeza umkakhe, okusolwa ukuthi okwakamuva kudalwe wukuqokelwa kwakhe esikhundleni sokuba nguthishanhloko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe umsolwa oneminyaka engu-41 ubhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza.
Uthe umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi KwaNongoma ngoLwesine olwedlule. Uveze ukuthi umsolwa bekulindeleke ukuthi avele futhi namuhla.