Elvis Ramosebudi
INIKEZWE ibheyili ka-R3000 yiNkantolo yeMantshi yaseJohannesburg namhlanje indoda esolwa ngokwakha itulo lokusoconga izikhulu zikahulumeni wakuleli kubalwa nabakwi khabhinethi okuthiwa bahlomula ekugwamandweni kwamandla ombuso.

IMantshi, uMnuz Vincent Ratshivhumo uyalele uMnuz Elvis Ramosebudi ukuthi abike kathathu ngesonto esiteshini samaphoyisa aseduze, waphinda wanikezwa umbandela wokuthi angalokothi asondele kofakazi kuleli cala.

Imantshi ithe akukho okuvelile esicelweni sebheyili okuveza ukuthi umsolwa angakwazi ukuqhubeka netulo lokubulala uma ededelwa ngebheyili.
Iphinde yachaza itulo lokubulala elibhekiswe kumsolwa njengelingaqinile, njengoba ithe umsolwa akanazo ngisho izibhamu. 

Umsolwa uboshwe ngo-Ephreli 26, ngemva kokuthi abaphenyi beveze izinsolo zokuthi ube nokuxhumana nabathile ehlela itulo lokubulala abangu-19 okubalwa phakathi kwabo nezikhulu zikahulumeni. 

Ubekwe icala lokwakha itulo lokubulala, okuvele ukuthi ummangalelwa wayelibumba yedwa.

Encwadini efungelwe efundelwe inkantolo uphiko lwezokushushisa ngoLwesihlanu, amagama avelile ababezobulawa ngumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma nendodana yakhe uDuduzani, amalunga omndeni wakwaGupta, uMnuz Brian Molefe, uSihlalo we-SAA uNkk Dudu Myeni, uSihlalo wakwa-Eskom uMnuz Ben Ngubane, iNhloko yezokuShushiswa uMnuz Shaun Abrahams, noMnuz Des Van Rooyen.

Itulo lokubulala kusolakala ukuthi babezohlaselwa emakhaya abo kuvele sengathi bekuyimizamo yokubamba inkunzi.

Umsolwa uzobuyela enkantolo ngoJulayi 6.