UDEDELWE ngebheyili kaR200 000 uNobhala jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule obhekene noxhaxha lwamacala enkohlakalo athinta ithenda yezigidi zamaRandi yokulungisa uphahla ezindlini zemixhaso ezifulelwe ngetsheboya, eFree State.
UMagashule uvele enkantolo yeMantshi eBloemfontein ngoLwesihlanu ekuseni lapho aziswe khona ukuthi uzobhekana namacala angu-21 enkohlakalo.
UMbuso owusiphikisanga isicelo sakhe sebheyile njengoba uthe awusiboni isidingo sokumnqabela yona ngoba uyaziwa njengosopolitiki wakuleli futhi ngeke kube lula ukuthi abalekele kwamanye amazwe.
Ngaphandle kwase nkantolo bebephume ngobuningi babo abalandeli baMagashule, kanti uthe engena enkantolo wamukelwa ngengoma ebiholwa nguMnuz Tony Yengeni. Ngaphakathi enkantolo ungene ewumuntu okhululekile ebingelela abantu, eshutha nezithombe nabo. Ngaphandle abeyigxoba amalungu e-ANC amanye awo abesuka KwaZulu-Natal nakwezinye izifundazwe kanye namalungu oMkhonto weSizwe Military Veterans Association (MKMVA).
Kuvele ukuthi uMbuso uzogadla ngowayengumabhalane kaMagashule ngesikhathi esawuNdunankulu waseFree State, uMoroadi Cholota, ozoba wufakazi uma sekuqulwa icala. Inkantolo iyalele uMagashule ukuthi angalinge nangephutha azame ukuxhumana noCholota.
Exinwa ngemibuzo ngemuva kwesinqumo senkantolo sokunikeza uMagashule ibheyili, okhulumela i-ANC uMnuz Pule Mabe unqabile ukuphumela obala ngezinyathelo ezizothathelwa uNobhala jikelele weqembu. Kuzokhumbuleka ukuthi i-ANC yanquma ukuthi abaholi ababhekene namacala asenkantolo kumele bahoxe ezikhundleni zabo zobuholi. Uthe isigungu esiphezulu seqembu sizodingida udaba lukaMagashule emhlanganweni olandelayo.
UMagashule uzobuyela enkantolo ngoFebruwari 19 ngo-2021 lapho kuzovela khona abanye abasolwa abathathu.