uFezile Ngubane udedelwe amaphoyisa aphenya icala lokubulawa kuka-Olerato Mongale.
Image: Facebook
UDEDELIWE uFezile Ngubane obefunwa amaphoyisa ecaleni lokubulawa kuka-Olerato Mongale ngemuva kokuvela kobufakazi obusha.
UNgubane uzinikele emaphoyiseni aKwaMashu ngemuva kwezinsuku ezimbalwa isithombe sakhe sizungeza ezinkundleni zokuxhumana kuthiwa ifunwa amaphoyisa.
Amaphoyisa athole ukuthi uNgubane uziphilisa ngokugeza izimoto, kanti kuthiwa uSiphilangenkosi Makhanya obulewe namaphoyisa ngoLwesihlanu wathatha umazisi wakhe ukuze abhalise izinombolo zamaselula ayeyenga ngawo amantombazane.
Kuthiwa akathinteki emacalani kaMakhanya. Kwenzeka lokhu nje abazali bakaMakhanya basezikhindini, ubaba wakhe uphekwa ngemibuzo njengoba kwakusetshenziswa imoto yakhe kwenziwa icala, kanti umama wakhe uboshelwe ukuthiphisa indodana ngokuthi ifunwa amaphoyisa yakwazi ukubaleka eNanda lapho ibibhace khona. uSiphilangenkosi ugcine etholakala efulethini eliseManzimtoti lapho ebezama ukuboleka khona imoto kumngani wakhe.